Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 8:23 - IsiZulu 2020

23 Ngakho-ke sazila, samnxusa uNkulunkulu wethu ngalokhu, wakuzwa ukunxusa kwethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Sase sizila-ke, sanxusa uNkulunkulu wethu ngalokho, wasizwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngakho sazila ukudla, sakhuleka kuNkulunkulu wethu ngalokho, wasincenga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 8:23
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Isaka wamkhulekela kuSimakade uRibheka umkakhe, ngokuba wayengabatholi abantwana, iNkosi yawuzwa umkhuleko wakhe, uRibheka wakhulelwa.


UJehowahazi wamnxusa uSimakade, uSimakade wamuzwa. USimakade wabona ingcindezelo inkosi yase-Aramu eyayicindezele ngayo u-Israyeli.


Ngesikhathi ethola usizo lokulwa nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababenawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngoba ayemethemba.


Kwakulusuku lwe-12, ngenyanga yokuqala, ngesikhathi sisuka emfuleni i-Ahava silibhekise eJerusalema. UNkulunkulu wethu wayenathi, esivikela ezitheni ezazisihlasela nezazisilalela unyendle endleleni.


Kwathi ngosuku lwama-24, lwaleyo nyanga, abakwa-Israyeli bahlangana ngosuku lokuzila ukudla, bembatha indwangu eyisaka, bazithela ngenhlabathi.


“Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.”


Thembela kuSimakade ngayo yonke inhliziyo yakho, unganciki kokwakho ukuqonda.


USimakade uyolishaya iGibhithe, alishaye abuye aliphilise; bayobuyela kuSimakade, bamnxuse, abaphulukise.


‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’


Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ngakhuleka, nganxusa ngokuzila ukudla, nangendwangu eyisaka, nangomlotha.


Wayengumfelokazi waze waba neminyaka engama-84, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini.


UKhorneliyu wathi: “Kuthe ngikhuleka ngehora lesishiyagalolunye endlini yami, ezinsukwini ezine ezedlule, ngabonasekumi phambi kwami indoda eyayembethe ingubo ekhazimulayo,


Niyomfuna uSimakade uNkulunkulu wenu nilapho, nimfumane. Niyakumfuna ngenhliziyo yenu yonke nangawo wonke umphefumulo wenu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ