Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 8:22 - IsiZulu 2020

22 Nganginamahloni ukucela enkosini iviyo lamabutho, nagibele amahhashi, ukuze asivikele ezitheni endleleni, njengokuba sasiyitshelile inkosi ukuthi: “Isandla sikaNkulunkulu wethu siyabavikela abamfunayo, kodwa amandla akhe nentukuthelo yakhe kumelana nabo bonke abamhlubukayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Ngokuba nganginamahloni ukucela enkosini impi nabamahhashi ukuba basisize ezitheni zasendleleni, ngokuba sasikhulumile enkosini, sathi: “Isandla sikaNkulunkulu wethu siphezu kwabo bonke abamfunayo ukuba kube kuhle, kepha amandla akhe nentukuthelo yakhe kuphezu kwabo bonke abamshiyayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngokuba ngaba namahloni ukucela enkosini iviyo lamasosha nabamahhashi ukuba basisize ezitheni endleleni, ngokuba sakhuluma enkosini, sathi: Isandla sikaNkulunkulu wethu siphezu kwabo bonke abamfunayo; kepha amandla akhe nolaka lwakhe kuphezu kwabo bonke abamshiyayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 8:22
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Wena Solomoni, ndodana yami, mazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangomphefumulo ovumayo, ngokuba uSimakade uhlola zonke izinhliziyo, uqonda zonke izizindlo zemicabango. Uma umfuna, uyakufunyanwa nguye, kodwa uma umshiya uyakukulahla kuze kube phakade.


u-Azariya waphuma waya ku-Asa, wathi kuye: “Ngilaleleni, wena Asa noJuda wonke, noBhenjamini; uSimakade unani, uma ninaye, uma nimfuna niyakumfumana, kodwa uma nimshiya, naye uyakunishiya.


Amehlo kaSimakade abona emhlabeni wonke ukuqinisa labo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Wenze ubuwula kule nto, ngokuba kusukela manje sekuzohlala kunokulwa.”


ongenzele umusa phambi kwenkosi nabeluleki bayo, naphambi kwazo zonke izikhulu zenkosi ezingamaqhawe. Ngaba nesibindi ngoba isandla seNkosi uSimakade sasinami, ngaqoqa abaholi kwa-Israyeli ukuba benyuke nami.


lowo Ezra wasuka eBhabhele waya eJerusalema. Wayengumbhali onekhono emthethweni kaMose ayewunikwe nguSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo, ngokuba isandla sikaSimakade uNkulunkulu wakhe sasinaye.


Baphuma eBhabhele ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala, kwathi ngosuku lokuqala lwenyanga yesihlanu, bafika eJerusalema, ngokuba isandla somusa sikaNkulunkulu wakhe sasinaye,


Kwakulusuku lwe-12, ngenyanga yokuqala, ngesikhathi sisuka emfuleni i-Ahava silibhekise eJerusalema. UNkulunkulu wethu wayenathi, esivikela ezitheni ezazisihlasela nezazisilalela unyendle endleleni.


Inkosi yathumela izikhulu zempi nabagibele amahhashi ukuba bangiphelekezele. Ngafinyelela kubabusi besifundazwe esiseNtshonalanga yeYufrathe, ngabanika izincwadi ezazibhalwe yinkosi.


Bayowa bashaye ngamadolo phansi, kepha thina siyovuka, sime.


USimakade uyakukhulula ukuphila kwezinceku zakhe, akekho ophephela kuye oyojeza.


Ngubani owazi amandla entukuthelo yakho nolaka lwakho olunjengokwesabeka kwakho na?


USimakade muhle kulowo omlindelayo, kulowo omfunayo.


Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu, konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngokwecebo lakhe.


Kepha mina angizange ngisebenzise nakunye kwalezo zinto, futhi angilobi lokhu ukuze kwenziwe kanjalo kimi, ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuba umuntu akwenze ize ukuzigqaja kwami.


Ngokuba uma bengizincoma ngani kuye, angidumazekanga, njengalokhu konke esanitshela khona kuyiqiniso, ngakho nokunincoma kwethu kuThithu kutholakale kuyiqiniso.


Kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa, kodwa uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awuyukuthokoza ngaye.


“Isho kanje inhlangano yonke kaSimakade: ‘Siphambeko sini lesi enisenze kuNkulunkulu ka-Israyeli ukuba nimjikele namuhla ngokungabe nisamlandela uSimakade ngokuzakhela i-althare, na? Ningamhlubuka kanjani uSimakade namuhla, na?


Uma nephula isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu aniyala ngaso bese nihamba niyokhonza abanye onkulunkulu, nibakhothamele, ulaka lukaSimakade luyonivuthela, nibhubhe ngokushesha kuleli lizwe elihle aninike lona.”


ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, izindlebe zayo ziyayizwa imikhuleko yabo, kodwa ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ