Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 8:16 - IsiZulu 2020

16 Ngase ngithumela, ngabiza u-Eliyezeri, u-Ariyeli, uShemaya, u-Elinathani, uJaribi, u-Elinathani, uNathani, uZekhariya noMeshulamu ababengabaholi, uJohiyaribhi no-Elinathani ababengabafundisayo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngase ngithuma ngibiza o-Eliyezeri, no-Ariyeli, noShemaya, no-Elinathani, noJaribi, no-Elinathani, noNathani, noZakariya, noMeshulamu abayizinhloko, kanye noJoyaribi no-Elinathani abafundisayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngase ngithuma o-Eliyezeri, no-Ariyeli, noShemaya, no-Elinathani, noJaribi, no-Elinathani, noNathani, noZakariya, noMeshulamu, izinhloko; nakuJehoyaribi naku-Elinathani, amadoda ahlakaniphileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 8:16
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UNkulunkulu wathi kuye: “Ngokuba ucele lokho, awuzange uzicelele impilo ende, noma ingcebo, noma ucele ukuba kufe izitha zakho, kodwa ucele ukuqonda lapho wehlulela;


Kwabozalo luka-Isakhare, labo ababeqonda ngezikhathi ukuba bazi okufanele kwenziwe ngu-Israyeli; izinhloko zabo ezazingama-200; bonke abafowabo balalela izwi labo.


Unkatho lwasempumalanga lwadla uShelemiya. Base benza unkatho ngendodana yakhe, uZakhariya, owayengumeluleki owayehlakaniphile, wadliwa wunkatho lwasenyakatho.


UHuramu wabuye wathi: “Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli owenza izulu nomhlaba, nowanika uDavide, inkosi, indodana ehlakaniphileyo, enolwazi nokuqonda, ezokwakhela uSimakade indlu nesigodlo sasebukhosini.


Kwabozalo lukaHarimi: nguMahaseya, u-Elija, uShemaya, uJehiyeli no-Uziya.


Kwabozalo luka-Adonikamu, ngu-Elifelethi, uJehiyeli, noShemaya namadoda angama-60 afika kamuva.


Ngabahlanganisa ndawonye ngasemfuleni oya e-Ahava, sagoba amadlangala lapho izinsuku ezintathu. Lapho ngibuzisisa abantu nabaphristi, ngafumana ukuthi babengekho abozalo lukaLevi.


ngabathumela ku-Ido owayengumholi eKhasifiya, ngibatshela ukuthi bayothini ku-Ido nabangani bakhe, izisebenzi zasethempelini eKhasifiya, ukuba basithumelele abantu ababezosebenza endlini kaNkulunkulu.


Ngenxa yokuba isandla somusa sikaNkulunkulu wethu sasinathi, basithumelela uMahili, indoda enengqondo, wozalo lukaLevi ka-Israyeli noSherebhiya namadodana akhe nabafowabo abali-18;


Ngokuba uSimakade uyokupha ukuhlakanipha, emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.


Amasu enhliziyweni yomuntu anjengamanzi ajulileyo; umuntu onokuqonda uyakhelela.


Ngenxa yesiphambeko sezwe, linezikhulu eziningi, kepha ngomuntu onokuqonda nonolwazi liyakuma.


uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;


Kucabangisise lokhu engikushoyo, ngokuba iNkosi iyakukunika ukuba uziqonde zonke lezi zinto.


Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ