Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 7:9 - IsiZulu 2020

9 Baphuma eBhabhele ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala, kwathi ngosuku lokuqala lwenyanga yesihlanu, bafika eJerusalema, ngokuba isandla somusa sikaNkulunkulu wakhe sasinaye,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngokuba ngolokuqala lwenyanga yokuqala waqala ukukhuphuka eBabele; ngolokuqala lwenyanga yesihlanu wafika eJerusalema ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngoba ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala waqala ukukhuphuka eBhabhiloni, futhi ngosuku lokuqala lwenyanga yesihlanu wafika eJerusalema, ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 7:9
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ongenzele umusa phambi kwenkosi nabeluleki bayo, naphambi kwazo zonke izikhulu zenkosi ezingamaqhawe. Ngaba nesibindi ngoba isandla seNkosi uSimakade sasinami, ngaqoqa abaholi kwa-Israyeli ukuba benyuke nami.


lowo Ezra wasuka eBhabhele waya eJerusalema. Wayengumbhali onekhono emthethweni kaMose ayewunikwe nguSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo, ngokuba isandla sikaSimakade uNkulunkulu wakhe sasinaye.


Bafika eJerusalema ngenyanga yesihlanu, ngonyaka wesikhombisa wokubusa kwenkosi.


Ngenxa yokuba isandla somusa sikaNkulunkulu wethu sasinathi, basithumelela uMahili, indoda enengqondo, wozalo lukaLevi ka-Israyeli noSherebhiya namadodana akhe nabafowabo abali-18;


Nganginamahloni ukucela enkosini iviyo lamabutho, nagibele amahhashi, ukuze asivikele ezitheni endleleni, njengokuba sasiyitshelile inkosi ukuthi: “Isandla sikaNkulunkulu wethu siyabavikela abamfunayo, kodwa amandla akhe nentukuthelo yakhe kumelana nabo bonke abamhlubukayo.”


Kwakulusuku lwe-12, ngenyanga yokuqala, ngesikhathi sisuka emfuleni i-Ahava silibhekise eJerusalema. UNkulunkulu wethu wayenathi, esivikela ezitheni ezazisihlasela nezazisilalela unyendle endleleni.


Sesifikile eJerusalema, sahlala izinsuku ezintathu.


Ngabatshela ukuthi isandla esihle sikaNkulunkulu wami sibe nami kanjani, nangamazwi inkosi eyayiwakhulume kimi. Bathi: “Masisukume sakhe.” Base bewuqala ngentshisekelo umsebenzi.


Ngacela nencwadi eya ku-Asafa, umqaphi wehlathi lenkosi, eyayimyala ukuba anginike izingodo zokwakha imishayo yamasango enqaba yethempeli, izingange zomuzi nezendlu engangizohlala kuyo.” Inkosi yanginika konke engakucelayo, ngokuba isandla esihle sikaNkulunkulu sasinami.


Khona singaseyukubuye sikufulathele; siphilise, khona sizokhuleka egameni lakho.


Niyokukubona, izinhliziyo zenu zijabule, amathambo enu ahlume njengotshani, isandla sikaSimakade siyokwaziwa ukuthi sisezincekwini zakhe, azithukuthelele izitha zakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ