Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 7:27 - IsiZulu 2020

27 Makadunyiswe uSimakade, uNkulunkulu wokhokho bethu, obeke into enje enhliziyweni yenkosi, ukuba ihlobise indlu kaSimakade eJerusalema ngale ndlela,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Makabongwe uJehova uNkulunkulu wawobaba obeke enhliziyweni yenkosi ukuhlobisa indlu kaJehova eseJerusalema,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Makabongwe uJehova uNkulunkulu wawobaba owafaka into enjalo enhliziyweni yenkosi ukuhlobisa indlu kaJehova eseJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 7:27
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lapho uHezekiya nezikhulu beza, babona izinqwaba, bambonga uSimakade nabantu bakhe u-Israyeli.


Babuye bawugubha ngentokozo umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, ngokuba uSimakade wayebathokozisile, waguqula inhliziyo yenkosi yase-Asiriya, yabeseka ukwakha kabusha indlu kaNkulunkulu ka-Israyeli.


Ngavuka ebusuku, ngahamba namanye amadoda; angitshelanga muntu ngalokho uNkulunkulu wami ayekubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele iJerusalema. Angithathanga silwane ngaphandle kwaleso engangisigibele.


Ngacela nencwadi eya ku-Asafa, umqaphi wehlathi lenkosi, eyayimyala ukuba anginike izingodo zokwakha imishayo yamasango enqaba yethempeli, izingange zomuzi nezendlu engangizohlala kuyo.” Inkosi yanginika konke engakucelayo, ngokuba isandla esihle sikaNkulunkulu sasinami.


UNkulunkulu wangenza ngaba nevuso enhliziyweni yami, ngase ngimemela abantu embizweni yeziphathimandla nezikhulu nabantu, ukuba bazobhalisa ngokwemindeni yabo. Ngathola umlando wolibo lwalabo ababebuye kuqala. Nakhu engakutholayo:


UMose wathi kuFaro: “Ngitshele ukuthi ufuna ngikukhulekele nini wena nezikhulu zakho, nabantu bakho, ukuze amasele asuke kuwe nasezindlini zakho, asale kuphela emfuleni.”


Inhliziyo yenkosi injengemifula yamanzi esandleni sikaSimakade, uyiphendula iye noma kuphi lapho ethanda khona.


“Inkazimulo yaseLebhanoni iyakuza kuwe, umsayiphuresi, ishoba nomkhoba konke kanyekanye, kuyohlobisa indawo yendlu yami engcwele, ngiyikhazimulise indawo yezinyawo zami.


ngokuba uyasithanda isizwe sakithi, nguye futhi osakhele isinagoge.”


Kepha makabongwe uNkulunkulu obeke enhliziyweni kaThithu le nkuthalo ngani,


Ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senibuye nathola ithuba lokunginakekela; kwazise beninginakekela, kodwa ningalitholi ithuba.


“Yilesi sivumelwano engizakusenza nabo, emva kwalezo zinsuku, kusho iNkosi. Ngiyakufaka imithetho yami ezinhliziyweni zabo, ngiyiqophe engqondweni yabo,


“Ngokuba yilesi isivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku,” kusho iNkosi: “ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo, ngiyilobe ezinhliziyweni zabo, ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla ziphuma kuYise wokukhanya, okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


Ngokuba uNkulunkulu ufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zifeze okuyisinqumo sakhe, zikwenze zimqondo munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ