Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 7:16 - IsiZulu 2020

16 nithathe nalo lonke isiliva negolide eniyokufumana esifundazweni sonke eBhabhele, neminikelo yesihle yabantu neyabaphristi, abayinikela ngesihle endlini kaNkulunkulu wabo eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 kanye nalo lonke isiliva negolide oyakukufumana ezweni lonke laseBabele, neminikelo yesihle yabantu neyabapristi, benikelela ngesihle indlu kaNkulunkulu wabo eseJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 nalo lonke isiliva negolide ongalifumana kuso sonke isifunda saseBabele, kanye nomnikelo wesihle wabantu nowabapristi abavuma ukuhlabela indlu kaNkulunkulu wabo eseJerusalema;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 7:16
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nkulunkulu wami, ngiyazi ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, manje sengibonile abantu bakho abakhona lapha benikela kuwe ngokukhululeka nangokuthokoza.


Zase zinikela izikhulu zawoyise, abaholi bezizwana zakwa-Israyeli, abakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu nezinduna zomsebenzi wenkosi.


Abantu bajabula ngokunikela kwabo ngenhliziyo, ngokuba banikela ngenhliziyo epheleleyo kuSimakade; naye uDavide, inkosi, wajabula ngokujabula okukhulu.


UKhore, indodana kaJimina umLevi, umlindi wesango elalisempumalanga, wayengamele iminikelo kaNkulunkulu yesihle, ukuze ayabe iminikelo kaSimakade neyezinto ezingcwelengcwele.


Kepha mina ngikwakhele indlu yokuphakama kwakho, indawo oyakuhlala kuyo kuze kube phakade.”


‘Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli eGibhithe angikhethanga muzi ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, futhi angikhethanga muntu ukuba abe ngumbusi wabantu bami u-Israyeli,


kodwa ngilikhethile iJerusalema ukuba igama lami libe lapho, ngimkhethile noDavide ukuba abe phezu kwabantu bami, u-Israyeli.’


Yonke insali esezindaweni zonke lapho igogobele khona, noma ngabe ihleli kuphi, kufanele ilekelelwe ngabendawo yakubo, bayinike isiliva, igolide, izimpahla, imfuyo neminikelo yesihle yendlu kaNkulunkulu eJerusalema.’ ”


Omakhelwane babo babasiza ngezinto zesiliva nezegolide nangezinye izinto, nemfuyo nezinto eziyigugu, ngale nje komnikelo wesihle ababewunikelela ithempeli.


USimakade makabongwe eZiyoni, yena owakhe eJerusalema. Haleluya!


Uma kukhona ukulangazela, nesipho siyemukeleka njengalokhu umuntu ethanda, kungayi ngalokho angenakho.


Ngakho-ke yilowo nalowo makanikele njengalokhu enqumile enhliziyweni, kungabi ngokudabuka noma ngokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikela ethokoza.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ