Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 7:14 - IsiZulu 2020

14 Ngokuba uthunywa yinkosi nabeluleki bayo abayisikhombisa, ukuba niyobheka ukuthi kuhamba kanjani kwaJuda naseJerusalema ngokomthetho kaNkulunkulu wenu osesandleni sakho,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 njengokuba uthunyiwe yinkosi nabeluleki bayo abayisikhombisa ukubuza ngelakwaJuda neJerusalema njengokomthetho kaNkulunkulu wakho osesandleni sakho,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngokuba uthunywe yinkosi nabeluleki bayo abayisikhombisa ukuba uhlole uJuda neJerusalema ngokomthetho kaNkulunkulu wakho osesandleni sakho;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 7:14
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Noma ngubani phakathi kwabo bonke abangabantu bakhe, sengathi uNkulunkulu wakhe angaba naye, makakhuphukele eJerusalema, kwaJuda, ayokwakha kabusha indlu kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, unguNkulunkulu oseJerusulema.


“Makwazeke enkosini ukuthi siyile esifundazweni kwaJuda, endlini kaNkulunkulu omkhulu eyakhiwe ngamatshe amakhulu, kwafakwa namapulangwe ezindongeni. Lowo msebenzi uqhubeka ngesineke, bayaphumelela ukuwenza.


UNkulunkulu owenza ukuba igama lakhe lihlale lapho, sengathi angasusa esikhundleni noma yiyiphi inkosi nesizwe okuzama ukuguqula lokhu, noma ukubhubhisa le ndlu kaNkulunkulu eseJerusalema. Mina Dariyu, ngishaye lo mthetho; mawuhlonishwe ngokucophelela.”


“Ngishaya umthetho maqondana nalezo zikhulu zabaJuda ezizokwakha kabusha le ndlu kaNkulunkulu, ngithi: izindleko zokukhokhela laba bantu mazikhokhwe ngokuphelele nsuku zonke, ziphume emalini yasebukhosini, etholakala ngentela evela esifundazweni entshonalanga yeYufrathe, ukuze lowo msebenzi ungami.


nokuhambisa isiliva negolide inkosi nabeluleki bayo abalinikele ngesihle kuNkulunkulu ka-Israyeli, ondlu yakhe iseJerusalema;


ongenzele umusa phambi kwenkosi nabeluleki bayo, naphambi kwazo zonke izikhulu zenkosi ezingamaqhawe. Ngaba nesibindi ngoba isandla seNkosi uSimakade sasinami, ngaqoqa abaholi kwa-Israyeli ukuba benyuke nami.


Ngabalinganisela isiliva, igolide, izitsha, neminikelo yendlu kaNkulunkulu wethu okwakunikelwe yinkosi, abeluleki bayo, izikhulu zayo, nakho konke okwakunikelwe ngabantu bakwa-Israyeli ababelapho;


abaseduze nayo, uKarishena, uShetari, u-Adimatha, uTharishishi, uMeresi, uMarisena noMemukhani, okwakuyibona ababeyisiza, futhi beyizethenjwa zayo.


isifundiso nobufakazi kwabafileyo na? Impela abakhuluma ngalolu hlobo, kabasoze baba nakukhanya.


Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, njengalokhu ukwazile ukwambula le mfihlakalo.”


Kwathi lapho inkosi isisondele kuwo kuDaniyeli, yamemeza ngezwi elinosizi; yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Daniyeli, nceku kaNkulunkulu ophilayo, ngabe uNkulunkulu wakho omkhonza njalo ukwazile yini ukukuhlenga ezingonyameni na?”


“Ngibeka umthetho wokuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, “ngokuba unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube phakade. Umbuso wakhe yiwo ongayikubhujiswa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube phakade.


“Thatha izipho kubathunjwa, kuHelidayi, kuThobiya, nakuJedaya, uhambe ngalo lolo lusuku, uye endlini kaJosiya indodana kaZefaniya, kulapho befikele khona bevela eBhabhele.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ