Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 7:13 - IsiZulu 2020

13 “Ngishaya umthetho othi: noma yimuphi umuntu wakwa-Israyeli, noma abaphristi bakhona, noma abaLevi abasembusweni wami abathanda ukuya eJerusalema, bangahamba nawe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Ngikhipha isimemezelo sokuthi bonke abantu bakwa-Israyeli, nabapristi babo, namaLevi embusweni wami, abafuna ukuya eJerusalema, bangahamba nawe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngikhipha umyalo wokuthi bonke abantu bakwa-Israyeli nabapristi babo namaLevi embusweni wami, abayothanda ukukhuphukela eJerusalema ngokuzithandela kwabo, kumelwe bahambe nawe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 7:13
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bakhipha izwi lokuba kuthunyelwe umyalezo ku-Israyeli wonke, kusukela eBheri Sheba kuze kube kwaDani, ukuba beze, bazogcina iphasika likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli eJerusalema, ngokuba babengaligcinanga ngobuningi babo ebandleni, njengokuba kulotshiwe.


Noma ngubani phakathi kwabo bonke abangabantu bakhe, sengathi uNkulunkulu wakhe angaba naye, makakhuphukele eJerusalema, kwaJuda, ayokwakha kabusha indlu kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, unguNkulunkulu oseJerusulema.


“ ‘Kepha ngonyaka wokuqala wokubusa kwenkosi uKhoresi eBhabhele, yakhipha isimemezelo sokuthi le ndlu kaNkulunkulu kumele yakhiwe kabusha.


Inkosi uDariyu yashaya umthetho wokuthi akuphenywe emiqulwini esendlini yemilando egcinwe eBhabhele.


Izigijimi zashesha njengoba zaziyalwe yinkosi; kwashaywa umthetho enhlokomuzi iShushani. Inkosi noHamani bahlala phansi baphuza, kodwa kwaba nokudideka okukhulu emzini iShushani.


Inkosi yayaleza ukuba kwenziwe lokho; umthetho washaywa eShushani, amadodana alishumi kaHamani aphanyekwa ezigxotsheni zokuphanyeka.


Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.


Wakumisa kwaze kwaba phakade naphakade, wakushayela umthetho okungenakuweqa.


“Ngibeka umthetho wokuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, “ngokuba unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube phakade. Umbuso wakhe yiwo ongayikubhujiswa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube phakade.


Ngokuba uNkulunkulu nguye osebenza kini ukuba nithande, futhi nenze ngokwentando yakhe.


UMoya nomakoti bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ