Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 7:11 - IsiZulu 2020

11 Leli yifuzela lencwadi inkosi u-Arithahishasitha alinika u-Ezra, umphristi, umbhali, owayengumbhali wemithetho nezimiso zikaSimakade ku-Israyeli, ethi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Lokhu kuyimpinda yencwadi inkosi u-Aritahishashita eyamnika yona u-Ezra umpristi nombhali, umbhali wamazwi emiyalo kaJehova nawezimiso zakhe ku-Israyeli, yokuthi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Nansi ikhophi yencwadi inkosi u-Aritahishashita eyayinika u-Ezra, umpristi, umbhali, umbhali wamazwi emiyalo kaJehova nezimiso zakhe ku-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 7:11
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Leli yifuzela lencwadi abayithumela ku-Arithahishashitha, inkosi: “Le ncwadi ivela ezincekwini zakho, amadoda asentshonalanga yeYufrathe.


Nanti ifuzela lencwadi uThathenayi, umbusi wasentshonalanga yeYufrathe, noShethari Bhozenayi, nabangani babo ababesesifundazweni esasisentshonalanga yeYufrathe, abayithumela kuDariyu, inkosi.


ngokuba inhliziyo ka-Ezra yayigxile ekufundeni umthetho kaSimakade, nokuwenza, nokufundisa izimiso nemithetho kwa-Israyeli.


“U-Arithahishasitha, inkosi yamakhosi ku-Ezra, umphristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wezulu: ukuthula.


“Mina Arithashashitha, inkosi, ngiyala bonke abagcinimafa abasesifundanzweni entshonalanga yeYufrathe ukuba noma yini ayoyifuna kini u-Ezra, umphristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wasezulwini, yenziwe ngokucophelela okukhulu,


lowo Ezra wasuka eBhabhele waya eJerusalema. Wayengumbhali onekhono emthethweni kaMose ayewunikwe nguSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo, ngokuba isandla sikaSimakade uNkulunkulu wakhe sasinaye.


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Nani aningeni, kodwa abangenayo anibavumeli ukuba bangene.


wathi: “Izazimthetho nabaFarisi bahleli esihlalweni sikaMose.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ