Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 6:8 - IsiZulu 2020

8 “Ngishaya umthetho maqondana nalezo zikhulu zabaJuda ezizokwakha kabusha le ndlu kaNkulunkulu, ngithi: izindleko zokukhokhela laba bantu mazikhokhwe ngokuphelele nsuku zonke, ziphume emalini yasebukhosini, etholakala ngentela evela esifundazweni entshonalanga yeYufrathe, ukuze lowo msebenzi ungami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Futhi ngikhipha isimemezelo ngeniyakukwenza kulawo malunga abaJuda ukuba kwakhiwe leyo ndlu kaNkulunkulu: labo bantu mabanikwe kakhulu izindleko empahleni yenkosi, intela yaphesheya koMfula,* ukuba bangathiywa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngaphezu kwalokho, ngiyaleza ukuba nenze kumalunga alaba baJuda ekwakheni le ndlu kaNkulunkulu: empahleni yenkosi, yebo, kusukela enteleni ngaphesheya koMfula, kumelwe kukhishwe ngokushesha izindleko kulawa madoda, ukuze bangavimbeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 6:8
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Makwazeke enkosini ukuthi uma lo muzi nezingange zawo kwakhiwa kabusha kuphele, ngeke usathola sabelo esifundeni esingaphesheya komfula.”


Kwathi ukuba ifuzela lencwadi yenkosi u-Arithahishashitha lifundwe lonke phambi kukaRehumi, noShimishayi umbhali, nabangani babo, baphuthuma baya eJerusalema bayophoqa abaJuda ukuba bayeke ukwakha kabusha umuzi.


Kepha uNkulunkulu wabo wayenabo, ngakho-ke izikhulu zakwaJuda zanquma ukungawumisi umsebenzi zize zibhalele uDariyu, zithole kuye impendulo.


Izikhulu zakwaJuda zaqhubeka ngempumelelo ukwakha indlu, zigqugquzelwa ngukuphrofetha kukaHagayi noZekhariya, indodana ka-Ido. Zaqeda njengalokho zaziyalwe nguNkulunkulu wakwa-Israyeli ngomthetho owashaywa nguKhoresi, uDariyu, nenkosi u-Arithahishashitha, basePheresiya.


Izindonga zibe imigqa emithathu yamatshe, omunye phezu komunye, bese zilandelwa ngowodwa wezingodo ezintsha. Izindleko mazikhishwe esikhwameni sengcebo yendlu yenkosi.


hlukanani nomsebenzi wendlu kaNkulunkulu; yekelani umbusi wabaJuda nezikhulu bayakhe kabusha indlu kaNkulunkulu esizeni sayo.


Noma yini abayidingayo: amaduna, izinqama, amawundlu abazokwenza ngakho iminikelo yokushiswa kuNkulunkulu wasezulwini, nokolo, usawoti, iwayini, namafutha, njengokusho kwabaphristi abaseJerusalema, mabanikwe lokho nsuku zonke, kungaphuthi,


Ngokuba uthunywa yinkosi nabeluleki bayo abayisikhombisa, ukuba niyobheka ukuthi kuhamba kanjani kwaJuda naseJerusalema ngokomthetho kaNkulunkulu wenu osesandleni sakho,


Abaculi babephethwe ngumyalelo wenkosi owawuqondisa abakwenzayo nsuku zonke.


Ngacela nencwadi eya ku-Asafa, umqaphi wehlathi lenkosi, eyayimyala ukuba anginike izingodo zokwakha imishayo yamasango enqaba yethempeli, izingange zomuzi nezendlu engangizohlala kuyo.” Inkosi yanginika konke engakucelayo, ngokuba isandla esihle sikaNkulunkulu sasinami.


“Ngibeka umthetho wokuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, “ngokuba unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube phakade. Umbuso wakhe yiwo ongayikubhujiswa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube phakade.


“Ngelami isiliva, ngelami negolide,” kusho uSimakade Wamabandla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ