Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 5:8 - IsiZulu 2020

8 “Makwazeke enkosini ukuthi siyile esifundazweni kwaJuda, endlini kaNkulunkulu omkhulu eyakhiwe ngamatshe amakhulu, kwafakwa namapulangwe ezindongeni. Lowo msebenzi uqhubeka ngesineke, bayaphumelela ukuwenza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Makwazeke enkosini ukuthi saya ezweni lakwaJuda endlini kaNkulunkulu omkhulu eyakhiwe ngamatshe amakhulu, imithi ifakwe ezindongeni; lo msebenzi uqhubeka ngesineke, unempumelelo ezandleni zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Makwazeke enkosini ukuthi singenile ezweni lakwaJuda, endlini kaNkulunkulu omkhulu, eyakhiwe ngamatshe amakhulu, nemithi ibekwe ezindongeni; lomsebenzi uqhutshwa masinyane, abaphumelelayo ezandleni zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 5:8
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nampa abantu bezwe abakhuphuka ekuthunjweni ababethunjwe nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ababuyela eJerusalema nakwaJuda, yilowo nalowo waya emzini wakubo,


Bayithumelela umbiko owawubhalwe kanje: “KuDariyu, inkosi, makube ngukuthula konke!


“Sase sikhuluma nalezo zikhulu, sababuza sathi: ‘Ngubani onigunyaze ukwakha le ndlu, nokuqeda lesi sakhiwo na?’


ukuze banikele iminikelo emthokozisayo uNkulunkulu wasezulwini, bakhulekele ukuphila kwenkosi namadodana ayo.


Izindonga zibe imigqa emithathu yamatshe, omunye phezu komunye, bese zilandelwa ngowodwa wezingodo ezintsha. Izindleko mazikhishwe esikhwameni sengcebo yendlu yenkosi.


Konke okuyalwe nguNkulunkulu wasezulwini makwenziwe ngesineke, kwenzelwa indlu kaNkulunkulu wasezulwini, funa intukuthelo kaNkulunkulu yehlele inkosi namadodana ayo.


Nazi izinhloko zezifundazwe ezazihlala eJerusalema, kodwa emizini yakwaJuda bonke babehlala ezindaweni zabo: abakwa-Israyeli, abaphristi, abaLevi, izisebenzi zasethempelini, nabozalo lwezinceku zikaSolomoni.


Laba ngabantu besifundazwe ababebuye ekuthunjweni nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, bebuyela eJerusalema nakwaJuda. Yilowo nalowo wabuyela emzini wakubo;


Lokhu kwenzeka ngesikhathi sokubusa kwenkosi u-Ahasheveroshi; lona ngu-Ahasheveroshi owayebusa izifundazwe eziyi-127, kusukela eNdiya kuye eKhushe.


yathumela izincwadi kuzo zonke izifundazwe, kuleso naleso sifundazwe, ngokohlelo lokubhala lwakhona, nakulabo bantu ngolimi lwakubo, sigcizelela ukuthi: onke amadoda angomakhonya emizini yawo, nokuthi wulimi lwesizwe sakubo oluzokhulunywa kulelo khaya.


USimakade mkhulu, umelwe ukudunyiswa kakhulu, ubukhulu bakhe abuqondakali.


Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, njengalokhu ukwazile ukwambula le mfihlakalo.”


Wayesesondela uNebukhadinezari emnyango wesithando somlilo ovuthayo; wakhuluma wathi: “Shadirakhi, Meshakhi, no-Abhedi Nego, nina zinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke, phumani nize lapha.” Base bephuma oShadirakhi, noMeshakhi, no-Abhedi Nego phakathi komlilo.


Kube kuhle kimi ukuba nginazise ngezibonakaliso nezimangaliso uNkulunkulu oPhezukonke azenzileyo kimi.


“Ngibeka umthetho wokuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, “ngokuba unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube phakade. Umbuso wakhe yiwo ongayikubhujiswa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube phakade.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo, ongakhethi buso bamuntu, nongamukeli ukufunjathiswa.


Impela idwala labo alifani neDwala lethu; nezitha zethu ziyakuvuma lokho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ