Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 5:6 - IsiZulu 2020

6 Nanti ifuzela lencwadi uThathenayi, umbusi wasentshonalanga yeYufrathe, noShethari Bhozenayi, nabangani babo ababesesifundazweni esasisentshonalanga yeYufrathe, abayithumela kuDariyu, inkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Nansi impinda yencwadi uThathenayi, umbusi waphesheya koMfula,* noShethari Bozenayi, nabangane bakhe ama-Afarisaki ayengaphesheya koMfula* abayithuma kuDariyu inkosi;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ikhophi yencwadi uThathenayi, umbusi wangasentshonalanga yoMfula, noShethari Bosnayi nabangane bakhe, ama-Afarizagi ayephesheya komfula, abayithumela kuDariyu inkosi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 5:6
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Leli yifuzela lencwadi abayithumela ku-Arithahishashitha, inkosi: “Le ncwadi ivela ezincekwini zakho, amadoda asentshonalanga yeYufrathe.


Kwathi ukuba ifuzela lencwadi yenkosi u-Arithahishashitha lifundwe lonke phambi kukaRehumi, noShimishayi umbhali, nabangani babo, baphuthuma baya eJerusalema bayophoqa abaJuda ukuba bayeke ukwakha kabusha umuzi.


URehumi umbusi, umShimshayi unobhala, nabanye, nabo bonke abangani babo, abehluleli nazo zonke izikhulu ezidabuka e-Erekhi, eBhabhele naseShushani ezweni lama-Elamu,


Ngaso leso sikhathi uThathenayi, umbusi wasentshonalanga yeYufrathe noShethari Bhozenayi, nabangani babo bakhuluma nabo, bathi: “Ngubani onigunyaze ukwakha le ndlu, nokuqeda lesi sakhiwo na?”


Bayithumelela umbiko owawubhalwe kanje: “KuDariyu, inkosi, makube ngukuthula konke!


“Manje kuwe Thathenayi, mbusi wasentshonalanga yeYufrathe, nakuwe Shethari Bhozenayi, nabangani benu abasesifundazweni esisentshonalanga yeYufrathe, qhelani lapho;


Bayethula kubabusi nezikhulu zesifundazwe esisentshonalanga yeYufrathe incwadi ababeyinikwe yinkosi, nabo beseka abantu nendlu kaNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ