Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 5:3 - IsiZulu 2020

3 Ngaso leso sikhathi uThathenayi, umbusi wasentshonalanga yeYufrathe noShethari Bhozenayi, nabangani babo bakhuluma nabo, bathi: “Ngubani onigunyaze ukwakha le ndlu, nokuqeda lesi sakhiwo na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngasona leso sikhathi kwafika kubo uThathenayi, umbusi phesheya koMfula,* noShethati Bozenayi, nabangane babo, basho kanje kubo, bathi: “Ngubani owaniyaleza ukwakha le ndlu nokuqeda lolu gange na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngalesosikhathi uThathenayi umbusi osentshonalanga komfula, loSetharibhosnayi labangane babo beza kubo, bathi kubo: Ngubani oniyale ukwakha le ndlu, lakhe lolugange?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 5:3
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Noma ngubani phakathi kwabo bonke abangabantu bakhe, sengathi uNkulunkulu wakhe angaba naye, makakhuphukele eJerusalema, kwaJuda, ayokwakha kabusha indlu kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, unguNkulunkulu oseJerusulema.


“Sifuna ukuyazisa inkosi ukuthi abaJuda abavela ezindaweni zakho sebefike eJerusalema bawakha kabusha umuzi ohlubukayo nomubi. Sebeqedile ukwakha kabusha izingange, nokuvuselela izisekelo.


URehumi umbusi, umShimshayi unobhala, nabanye, nabo bonke abangani babo, abehluleli nazo zonke izikhulu ezidabuka e-Erekhi, eBhabhele naseShushani ezweni lama-Elamu,


Nanti ifuzela lencwadi uThathenayi, umbusi wasentshonalanga yeYufrathe, noShethari Bhozenayi, nabangani babo ababesesifundazweni esasisentshonalanga yeYufrathe, abayithumela kuDariyu, inkosi.


“Sase sikhuluma nalezo zikhulu, sababuza sathi: ‘Ngubani onigunyaze ukwakha le ndlu, nokuqeda lesi sakhiwo na?’


UThathenayi, umbusi wesifunda esingasentshonalanga yeYufrathe, noShethari Bhozenayi nabangani babo, bakwenza ngokucophelela lokho inkosi uDariyu eyayibalayeze khona.


“Manje kuwe Thathenayi, mbusi wasentshonalanga yeYufrathe, nakuwe Shethari Bhozenayi, nabangani benu abasesifundazweni esisentshonalanga yeYufrathe, qhelani lapho;


“Mina Arithashashitha, inkosi, ngiyala bonke abagcinimafa abasesifundanzweni entshonalanga yeYufrathe ukuba noma yini ayoyifuna kini u-Ezra, umphristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wasezulwini, yenziwe ngokucophelela okukhulu,


Ngonyaka wesibili wokubusa kukaDariyu inkosi, ngenyanga yesithupha, ngosuku lokuqala enyangeni, kwafika izwi likaSimakade ngesandla sikaHagayi umphrofethi kuZerubhabhele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, lathi:


Kuthe esengene ethempelini, esafundisa, kweza kuye abaphristi abakhulu namalunga esizwe, bathi: “Ukwenza ngagunya lini lokhu na? Futhi ngubani okunike leli gunya?”


babamisa phakathi kwabo, bababuza bathi: “Nikwenze lokhu ngaliphi igunya nangaliphi igama na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ