Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 5:11 - IsiZulu 2020

11 “Nansi impendulo eziphendula ngayo: ‘Siyizikhonzi zikaNkulunkulu wasezulwini nasemhlabeni, sakha kabusha indlu eyayakhiwe eminyakeni eminingi eyedlule, inkosi yakwa-Israyeli enamandla eyayiyakhe yayiqeda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Babuyisela impendulo kithi, bathi: ‘Thina siyizinceku zikaNkulunkulu wezulu nomhlaba, sakha indlu ekade yakhiwa sekudlule iminyaka eminingi, eyakhiwa yinkosi enkulu yakwa-Israyeli, yaqedwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Base besiphendula bathi: “Siyizinceku zikaNkulunkulu wezulu nomhlaba, sakha indlu eyakhiwa eminyakeni eminingi edlule, eyakhiwa yinkosi enkulu yakwa-Israyeli, yayakha.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 5:11
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngizakukufungisa phambi kukaSimakade uNkulunkulu wezulu nomhlaba, ukuthi ngeke uyithathele indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani, esihlala phakathi kwawo.


Ngonyaka we-11, ngenyanga kaBhuli eyinyanga yesishiyagalombili, indlu yase iqediwe ukwakhiwa ngokohlelo okwakumele yakhiwe ngalo. USolomoni wayakha iminyaka eyisikhombisa.


Kwathi sekuphele iminyaka engama-20 uSolomoni akhe ngayo zombili izindlu: indlu kaSimakade nesigodlo senkosi,


Sibuye sazibuza namagama azo, sawabhala, ukuze sikwazise ukuthi bangobani abaholi balo msebenzi.


Ngizokhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi.


Bongani uNkulunkulu wezulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Wayesesondela uNebukhadinezari emnyango wesithando somlilo ovuthayo; wakhuluma wathi: “Shadirakhi, Meshakhi, no-Abhedi Nego, nina zinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke, phumani nize lapha.” Base bephuma oShadirakhi, noMeshakhi, no-Abhedi Nego phakathi komlilo.


Wathi kuwo: “NgingumHebheru, ngikhonza uSimakade, uNkulunkulu wamazulu, owenze ulwandle nomhlabathi owomileyo.”


“Ngalokho-ke yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini.


“Ngithi kini, yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, neNdodana yomuntu iyakumvuma phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu.


Ngokuba ngalobu busuku bekumi ngakimi ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe nengimkhonzayo,


Ngokuba anginamahloni ngevangeli, ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGriki;


Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku ezimthobelayo, niyizinceku zalowo enimthobelayo; noma ezesono esiholela ekufeni, noma ezokuthobeka kube ngukulunga na?


Kepha mina makungabi bikho lutho olunye engizincoma ngalo, ngaphandle kwesiphambano seNkosi yethu uJesu Khristu, okungaye izwe selabethelwa kimi, nami kulo.


Uma kukubi emehlweni enu ukukhonza uSimakade, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma ngonkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho benu besengaphesheya komfula, noma ngonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo, kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uSimakade.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ