Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 5:1 - IsiZulu 2020

1 Abaphrofethi, uHagayi noZakhariya, indodana ka-Ido, baphrofetha kubaJuda ababehlala kwaJuda naseJerusalema egameni likaNkulunkulu ka-Israyeli owayebabusa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Abaprofethi, uHagayi umprofethi noZakariya indodana ka-Ido, baprofetha kubaJuda ababekwaJuda naseJerusalema ngegama likaNkulunkulu ka-Israyeli owayephezu kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Abaprofethi, uHagayi umprofethi, noZakariya, indodana ka-Ido, baprofetha ngenxa yabaJuda ababekwaJuda naseJerusalema egameni likaNkulunkulu ka-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 5:1
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umsebenzi endlini kaNkulunkulu eJerusalema wawusumile; kwakungasenziwa lutho, kwaze kwaba ngunyaka wesibili wokubusa kukaDariyu, inkosi yasePheresiya.


Izikhulu zakwaJuda zaqhubeka ngempumelelo ukwakha indlu, zigqugquzelwa ngukuphrofetha kukaHagayi noZekhariya, indodana ka-Ido. Zaqeda njengalokho zaziyalwe nguNkulunkulu wakwa-Israyeli ngomthetho owashaywa nguKhoresi, uDariyu, nenkosi u-Arithahishashitha, basePheresiya.


Uyakuma, eluse ngamandla kaSimakade nangobukhulu begama likaSimakade uNkulunkulu wakhe. Bayakuhlala bevikelekile, ngokuba uyakuba mkhulu kuze kube semaphethelweni omhlaba.


Ngonyaka wesibili wokubusa kukaDariyu inkosi, ngenyanga yesithupha, ngosuku lokuqala enyangeni, kwafika izwi likaSimakade ngesandla sikaHagayi umphrofethi kuZerubhabhele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, lathi:


Kwase kufika izwi likaSimakade ngesandla sikaHagayi umphrofethi, lathi:


“Ake nibeke enhliziyweni yenu, kusukela ngalolu lusuku kuqhubeke, kusukela ngosuku lwama-24 enyangeni yesishiyagalolunye, mhla kubekwa isisekelo sethempeli likaSimakade, nibeke enhliziyweni yenu ngalokho.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Qinisani izandla zenu, nina eniwezwayo kule mihla lawa mazwi akhulunywa ngabaphrofethi ababekhona mhla kubekwa isisekelo sendlu kaSimakade, ithempeli, ukuba lakhiwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ