Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 4:7 - IsiZulu 2020

7 Sekubusa u-Arithahishashitha, inkosi yasePheresiya, uBhishilamu, uMithiredathi, uThabeheli nabo bonke ababebambisene nabo babhalela u-Arithahishashitha, inkosi yasePheresiya, incwadi ngesi-Aramayikhi, bayihumusha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Emihleni ka-Aritahishashita oBishilamu, noMithiredati, noThabeyeli, nabanye abangane bakhe baloba ku-Aritahishashita inkosi yasePheresiya; okulotshiweyo kwakunjengokulotshwa kwesi-Aramu, kwachazwa ngesi-Aramu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Emihleni ka-Aritahishashita, uBislam, noMitredati, uThabeli nabanye abangane babo balobela u-Aritahishashita inkosi yasePheresiya; ukubhalwa kwencwadi kulotshiwe ngesi-Aramu, kwahunyushwa ngesi-Aramu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 4:7
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Eliyakimi, indodana kaHilikiya, uShebhina, noJowa, bathi kuRabi Shake: “Ake ukhulume nezinceku zakho ngesi-Aramu, ngokuba siyasizwa, ungakhulumi nathi ngolimi lwabaJuda, funa kuzwe abantu abasogangeni.”


Kwathi ukuba izitha zamadoda akwaJuda nawakwaBhenjamini zizwe ukuthi labo ababebuye ekuthunjweni sebelakha kabusha ithempeli likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli,


Inkosi yathumela le mpendulo: “KuRehumi, umbusi waseShimishayi, nonobhala nabangani babo abahlala eSamariya, nabo bonke abasentshonalanga yeYufrathe, ngiyanibingelela.


URehumi, umbusi noShimishayi, unobhala, babhala incwadi emelana neJerusalema, bayiqondisa enkosini u-Arithahishashitha, ithi:


URehumi umbusi, umShimshayi unobhala, nabanye, nabo bonke abangani babo, abehluleli nazo zonke izikhulu ezidabuka e-Erekhi, eBhabhele naseShushani ezweni lama-Elamu,


Nanti ifuzela lencwadi uThathenayi, umbusi wasentshonalanga yeYufrathe, noShethari Bhozenayi, nabangani babo ababesesifundazweni esasisentshonalanga yeYufrathe, abayithumela kuDariyu, inkosi.


Emveni kwalokho, ngesikhathi sokubusa kwenkosi u-Arithahishashitha ePheresiya, u-Ezra, indodana kaSeraya, ka-Azariya kaHilikiya,


Bayethula kubabusi nezikhulu zesifundazwe esisentshonalanga yeYufrathe incwadi ababeyinikwe yinkosi, nabo beseka abantu nendlu kaNkulunkulu.


Ngenyanga uNisani, ngonyaka wama-20 wokubusa kwenkosi u-Arithahishashitha, iwayini liphambi kwenkosi, ngalithunga ngalinika inkosi. Ngangingakaze ngibe ngodangele phambi kwayo.


U-Eliyakimi noShebhina noJowa, bathi kuRabi Shake: “Ake ukhulume ezincekwini zakho ngesi-Aramu, ngokuba siyasizwa, kodwa ungakhulumi kithi ngolimi lwabaJuda ezindlebeni zabantu abasogangeni.”


“Manje ngikutshela iqiniso. Bheka, kusezakuvela amakhosi amathathu ePheresiya; eyesine iyakunotha kunawo wonke; isiqinile ngengcebo yayo iyakuvusa konke ukulwa nombuso waseJavani.


Ayesekhuluma amaKhaledi enkosini ngesi-Aramu, athi: “Mana njalo, nkosi; yisho ezincekwini zakho iphupho, thina silichaze.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ