Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 4:20 - IsiZulu 2020

20 Kakade kwakubusa amakhosi anamandla eJerusalema, ebusa sonke isifundazwe sasentshonalanga yeYufrathe, eqoqa intela nemali yendlela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kade kwakukhona amakhosi anamandla naphezu kweJerusalema, ayebusa lonke elingaphesheya koMfula;* aphiwa intela, nenkokhiso, nemali yendlela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kwakukhona futhi amakhosi anamandla phezu kweJerusalema, ayebusa phezu kwawo wonke amazwe aphesheya koMfula; futhi imigwaqo, izintela kanye nemigwaqo yakhokhelwa kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 4:20
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalolo lusuku uSimakade wenza isivumelwano no-Abhrama, wathi: “Ngiyakulinika inzalo yakho leli lizwe, kusukela emfuleni oseGibhithe kuze kube semfuleni omkhulu iYufrathe:


USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke, kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemngceleni eGibhithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.


Wabusa ezweni lonke, ngaphesheya komfula kusukela eThifisa kuze kube seGaza, phezu kwawo wonke amakhosi ngaphesheya komfula; wayenokuthula nxazonke zakhe.


UHiramu, inkosi yaseThire, wathuma izinceku zakhe kuSolomoni, ngokuba wayesezwile ukuthi ugcotshiwe ukuba abe yinkosi esikhundleni sikayise. UHiramu wayengumngani kaDavide zonke izinsuku zakhe.


Kepha manje uSimakade uNkulunkulu wami unginike ukuphumula nhlangothi zonke; akekho omelana nami, akukho ngozi.


Wamisa amabutho kwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. USimakade wenza uDavide ukuba anqobe noma kuphi lapho ayeya khona.


UDavide wahlasela uHadadezeri, inkosi yaseZobha, ngaseHamathi, ngesikhathi ephumile ukuyoqinisa umbuso wakhe ngasemfuleni iYufrathe.


UDavide wamisa amabutho e-Aramu eDamaseku. Ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela kuye. USimakade wamenza ukuba uDavide anqobe noma kuphi lapho eya khona.


Izinceku zikaHadadezeri zabona ukuthi zehluliwe ngu-Israyeli, zenza ukuthula noDavide, zamkhonza. Ama-Aramu awaphindanga afuna ukusiza abakwa-Amoni.


Abanye bamaFilisti baletha izipho kuJehoshafathi, nesiliva elaliyintela. Nabase-Arabhiya baletha kuye imihlambi, izinqama eziyizi-7 700, nezimpongo eziyizi-7 700.


ngaphandle kwalelo elalifika nabahwebi nabathengisi, nawo wonke amakhosi ase-Arabhiya, nababusi bezwe ababeletha igolide nesiliva kuSolomoni.


“Manje makwazeke enkosini ukuthi uma lo muzi nezingange zawo kwakhiwa kabusha kuphele, abantu bazoyeka ukukhokha intela, imali yendlela, nentela yasebukhosini izokwehla.


Makwazeke enkosini ukuthi uma lo muzi nezingange zawo kwakhiwa kabusha kuphele, ngeke usathola sabelo esifundeni esingaphesheya komfula.”


Ngiyale ukuba lolu daba lusukunyelwe phezulu, nempela kwatholakala ukuthi kusukela emandulo lo muzi ubuvukela amakhosi, futhi ugcwele abahlubuki nabaphehli bodweshu.


Ngakho-ke khipha umyalo wokuba labo bantu bayeke ukwakha kabusha umuzi, ngize ngishaye umthetho.


Futhi siyanazisa ukuthi anivunyelwe ukukhokhisa intela abaphristi, abaLevi, abaculi, abalindisango, izisebenzi zasethempelini nezinye izisebenzi ezisebenza kule ndlu kaNkulunkulu.


Iyakubusa kusukela olwandle kuze kube solwandle, kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba.


Maye! Waze wasala dengwane umuzi obugcwele abantu! Sewuphenduke umfelokazi phakathi kwezizwe. Owesifazane obehloniphekile phakathi kwezifunda, usephenduke isigqila.


Wawunamagatsha aqinileyo, aba yizintonga zababusi; isiqu sawo sasiphakeme phakathi kwamagatsha amaningi, wawubonakala ngobude bawo, nangobuningi bamagatsha awo.


Kuthe uJesu edlula lapho, wabona umuntu okuthiwa nguMathewu ehleli endaweni yokuthelisa, wathi kuye: “Ngilandele.” Wasuka-ke wamlandela.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ