Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 4:16 - IsiZulu 2020

16 Makwazeke enkosini ukuthi uma lo muzi nezingange zawo kwakhiwa kabusha kuphele, ngeke usathola sabelo esifundeni esingaphesheya komfula.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Siyazisa inkosi ukuthi uma lo muzi wakhiwa, ziqedwe izingange zawo, ngalokho awusayikuba nasiqephu phesheya koMfula.”*

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Siyayitshela inkosi ukuthi, uma lo muzi uvuselelwa futhi izingange zawo ziphakanyiswa, ngeke ube nasabelo ngale ndlela ngaphesheya komfula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 4:16
5 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wamnqoba uHadadezeri, indodana kaRehobhe, inkosi yaseZobha, ngesikhathi ephumele ukuyobuyisa umbuso wakhe ngasemfuleni iYufrathe.


Wabusa ezweni lonke, ngaphesheya komfula kusukela eThifisa kuze kube seGaza, phezu kwawo wonke amakhosi ngaphesheya komfula; wayenokuthula nxazonke zakhe.


ukuze kuphenywe emiqulwini yemilando yokhokho bakho. Uyokuthola kuyo ukuthi lo muzi bewuhlale uwuhlupho, uvukela umbuso, nokuthi kusukela emandulo amakhosi nababusi bezifunda bewubahlalisa lubhojozi. Abantu bakhona bavele bangamambuka, yingakho nje umuzi wabhujiswa.


Inkosi yathumela le mpendulo: “KuRehumi, umbusi waseShimishayi, nonobhala nabangani babo abahlala eSamariya, nabo bonke abasentshonalanga yeYufrathe, ngiyanibingelela.


Kakade kwakubusa amakhosi anamandla eJerusalema, ebusa sonke isifundazwe sasentshonalanga yeYufrathe, eqoqa intela nemali yendlela.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ