Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 4:12 - IsiZulu 2020

12 “Sifuna ukuyazisa inkosi ukuthi abaJuda abavela ezindaweni zakho sebefike eJerusalema bawakha kabusha umuzi ohlubukayo nomubi. Sebeqedile ukwakha kabusha izingange, nokuvuselela izisekelo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Makwazeke enkosini ukuthi abaJuda abakhuphuka kuwe sebefikile kithi eJerusalema; bayawakha umuzi ohlubukileyo nonengekayo; sebeyakuqeda izingange, bahlanganise izisekelo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Makwazeke enkosini ukuthi amaJuda akhuphukele kithi evela kuwe efika eJerusalema ukwakha umuzi ohlubukayo nomubi, akha izingange zawo, ahlanganisa izisekelo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 4:12
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngabe ucabanga ukuthi ukukhuluma amazwi ngomlomo kungamasu namandla okulwa na? Pho wethemba bani, ngoba ungihlubukile na?


Emihleni yakhe kwenyuka uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele; uJehoyakimi wayeyinceku yakhe, ekhonze kuye iminyaka emithathu, wabuye wamhlubuka.


Wayihlubuka futhi nenkosi uNebukhadinezari eyayimfungisile ngoSimakade, wayenza lukhuni intamo yakhe, nenhliziyo yakhe wayenza lukhuni, akaze aphendukela kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


Leli yifuzela lencwadi abayithumela ku-Arithahishashitha, inkosi: “Le ncwadi ivela ezincekwini zakho, amadoda asentshonalanga yeYufrathe.


ukuze kuphenywe emiqulwini yemilando yokhokho bakho. Uyokuthola kuyo ukuthi lo muzi bewuhlale uwuhlupho, uvukela umbuso, nokuthi kusukela emandulo amakhosi nababusi bezifunda bewubahlalisa lubhojozi. Abantu bakhona bavele bangamambuka, yingakho nje umuzi wabhujiswa.


Ngiyale ukuba lolu daba lusukunyelwe phezulu, nempela kwatholakala ukuthi kusukela emandulo lo muzi ubuvukela amakhosi, futhi ugcwele abahlubuki nabaphehli bodweshu.


Ngaso leso sikhathi uThathenayi, umbusi wasentshonalanga yeYufrathe noShethari Bhozenayi, nabangani babo bakhuluma nabo, bathi: “Ngubani onigunyaze ukwakha le ndlu, nokuqeda lesi sakhiwo na?”


“Sase sikhuluma nalezo zikhulu, sababuza sathi: ‘Ngubani onigunyaze ukwakha le ndlu, nokuqeda lesi sakhiwo na?’


Baphendula bathi: “Abasala esifundazweni sakwaJuda, abaze bathunjwa, basenkathazweni enkulu nasehlazweni; izingange zeJerusalema zidilizelwe phansi, namasango alo ashiswe ngomlilo.”


Kwakulotshwe kuyo ukuthi: “Kunamahlebezi ezizweni athi wena nabaJuda niceba ukuvukela inkosi, yingakho wakha kabusha ugange nje; ngokwalowo mbiko wena uzoba yinkosi yabo, noGashimu uyawafakazela lawo mahlebezi.


UHamani wayesethi enkosini u-Ahasheveroshi: “Kukhona isizwe esithile esihlakazakele kuzo zonke izifundazwe zombuso wakho, sinemithetho eyehlukile kweyezizwe zonke. Siyishaya indiva imithetho yombuso wakho. Akulungile ukuba inkosi isiyeke siqhubeke.


Okwenzeka eJerusalema nakwaJuda kwaba ngenxa yentukuthelo kaSimakade, waze wabalahla phambi kwakhe. UZedekiya wayihlubuka inkosi yaseBhabhele.


Ngaso leso sikhathi kwasondela amadoda amaKhaledi, otha abaJuda.


“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, imigwaqo yalo nogange lwalo, amasonto angama-62 nasesikhathini sokuhlupheka.


“Jerusalema! Jerusalema! Wena obulala abaphrofethi, ukhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi ngilangazelela ukuqoqa abantu bakho njengesikhukhukazi sikhoselise amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga.


“Le ndoda siyithole iluhlupho, iphehla udweshu kubaJuda kulo lonke izwe, ingumholi wehlelo lamaNazaretha,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ