Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 3:5 - IsiZulu 2020

5 Emveni kwalokho baletha iminikelo yokushiswa ejwayelekile, eyokwethwasa kwenyanga, eyayo yonke imikhosi emisiweyo kaSimakade neminikelo yesihle eyayinikelwa ngabantu kuSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 nangasemuva umnikelo oshiswa imihla yonke, neyokwethwasa kwenyanga, neyemikhosi yonke emisiweyo kaJehova eyayingcwelisiwe, neyabo bonke abanikela ngenhliziyo ngeminikelo yesihle kuJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Emva kwalokho wanikela ngomnikelo oshiswa imihla yonke, owethwasa kwenyanga nowemikhosi yonke kaJehova eyayingcwelisiwe, nowawo wonke umuntu owanikela ngesihle kuJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 3:5
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UKhore, indodana kaJimina umLevi, umlindi wesango elalisempumalanga, wayengamele iminikelo kaNkulunkulu yesihle, ukuze ayabe iminikelo kaSimakade neyezinto ezingcwelengcwele.


Ngosuku lokuqala, ngenyanga yesikhombisa, baqala ukunikela iminikelo yokushiswa kuSimakade, nanxa isisekelo sethempeli lakhe sasingakabekwa.


“Thina baphristi, abaLevi, nabantu bonke, senze unkatho lokuthi minyaka yonke silethe umnikelo wezinkuni endlini kaNkulunkulu wethu, ngokwezindlu zokhokho, ngezikhathi ezinqunyiweyo, ukuze zibaswe phezu kwe-althare likaSimakade uNkulunkulu wethu, njengokulotshwe emthethweni.


Abaphristi abangabaLevi abayukumswela umuntu oyokuma phambi kwami anikele ngeminikelo yokushiswa, ashise iminikelo yokusanhlamvu, anikele ngemihlatshelo izinsuku zonke.’ ”


“Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Noma ngubani kini oletha umnikelo wemfuyo kuSimakade, uyoletha umnikelo awuthathe ezinkomeni noma ezimvini noma ezimbuzini.


“ ‘Uma umnikelo kungumnikelo wokushiswa othathwe ezinkomeni, uyonikela ngeduna elingenasici, uyoliletha emnyango wethende lokuhlangana ukuze emukeleke phambi kukaSimakade.


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilena imikhosi kaSimakade emisiweyo engiyimemezelayo kini ibe yimihlangano engcwele, iyimikhosi yami emisiweyo.


Umnikelo wabo wokuphuzwayo uyokuba yingxenye yehini lewayini ngenkunzi, nokwesithathu kwehini ngenqama, nokwesine kwehini ngemvu; lokhu kungumnikelo wokushiswa wezinyanga zonke, kuzo zonke izinyanga zonyaka.


Niyonikela kuSimakade ngomnikelo womlilo, umnikelo wokushiswa: amaduna amabili, inqama, izimvu ezingamaduna eziyisikhombisa ezinyaka munye, futhi ezingenasici.


Niyonikela ngomnikelo wokushiswa, ube yiphunga elimnandi: amaduna amabili, inqama, izimvu ezingamaduna eziyisikhombisa ezinyaka munye.


Niyonikela ngomnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo oyiphunga elimnandi kuSimakade: amaduna ali-13, izinqama ezimbili, izimvu ezingamaduna eli-14 ezinyaka munye ezingenasici,


Niyonikela ngomnikelo wokushiswa, ube yiphunga elimnandi kuSimakade: iduna, inqama, izimvu ezingamaduna eziyisikhombisa ezinyaka munye ezingenasici,


“ ‘Lokhu niyonikela ngakho kuSimakade ngemikhosi yenu emisiweyo, ngaphandle kwezithembiso zenu neminikelo yenu yesihle, kube yiminikelo yenu yokushiswa, neminikelo yenu yokusanhlamvu, neminikelo yenu yokuphuzwayo, neminikelo yenu yokuthula.’ ”


Niyonikela kuSimakade ngomnikelo wokushiswa ube yiphunga elimnandi: iduna, inqama, izimvu ezingamaduna eziyisikhombisa ezinonyaka ezingenasici,


Okweshumi kokusanhlamvu kwakho, okwewayini lakho, okwamafutha akho, okwamazibulo ezinkomo zakho, okwezimvu zakho, izithembiso ozenzile, iminikelo yakho yesihle, umnikelo wokuphakanyiswa wesandla sakho, aniyukukudla ngaphakathi kwamasango enu.


niyiyise lapho iminikelo yenu yokushiswa, imihlatshelo yenu, okweshumi kwenu, umnikelo wenu wokuphakanyiswa wesandla senu, izithembiso zenu, iminikelo yenu yesihle, neyamazibulo ezinkomo nezimvu zenu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ