Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 3:13 - IsiZulu 2020

13 Umsindo wawumkhulu kangangokuthi wawuzwakala ukude, kodwa umuntu wayengekwazi ukwehlukanisa noma ungowokujabula noma ungowokukhala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 ngangokuba abantu babengenakwahlukanisa izwi lokukhamuluka kwentokozo nezwi lokukhala kwabantu, ngokuba abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, umsindo wezwakala kude.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ukuze abantu bahluleke ukwehlukanisa umsindo wenjabulo nokukhala kwabantu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 3:13
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bonke abantu benyuka belandela uSolomoni bebetha amacilongo. Bathokoza ngokuthokoza okukhulu, kwaze kwangathi kuqhekezeka umhlaba ngenxa yomsindo wabo.


UZadoki, umphristi noNathani, umphrofethi bamgcobile eGihoni ukuba abe yinkosi. Manje sebenyukele khona bejabula, lo msindo omkhulu emzini yiwo eniwuzwileyo.


Abaningi babaphristi, abaLevi, izinhloko zemindeni nabantu abadala ababeyibonile indlu yokuqala, bakhala ngezwi elikhulu lapho bezibonela ngawabo kubekwa isisekelo saleyo ndlu; abaningi babememeza ngentokozo.


Kwathi ukuba izitha zamadoda akwaJuda nawakwaBhenjamini zizwe ukuthi labo ababebuye ekuthunjweni sebelakha kabusha ithempeli likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli,


Banikela ngemihlatshelo emikhulu ngalolo lusuku, bathokoza, ngokuba uNkulunkulu wayebathokozise ngentokozo enkulu; abesifazane nabantwana bathokoza, kwezwakala kude ukuthokoza kweJerusalema.


Kepha mabajabule bonke abaphephela kuwe, mabakhamuluke ngenjabulo phakade, ubasibekele, bajabule kuwe abathanda igama lakho.


umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, izwi lalabo abathi: “ ‘ “Bongani uSimakade Wamabandla, ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade.” “ ‘Kuyozwakala nezwi labaletha iminikelo yokubonga endlini kaSimakade, ngokuba izwe ngiyakukuguqula ukuthunjwa kwalo, liphinde libe njengakuqala,’ kusho uSimakade.


“Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” kusho uSimakade, “abakwa-Israyeli, nabakwaJuda bayakuza behamba kanyekanye, bayakuhamba bekhala, befuna uSimakade uNkulunkulu wabo.


“Ungubani-ke wena ntaba enkulu na? Phambi kukaZerubhabhele uyakuba yithafa. Uyakukhipha itshe eliyinhloko ngokumemeza athi: ‘Umusa, umusa, mawube kulo!’ ”


Bayibiza leyo ndawo ngokuthi yiBhokhimi, benza umhlatshelo kuSimakade kuleyo ndawo.


Kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaSimakade ufika enkanjini, u-Israyeli wonke wakhamuluka ngezwi elikhulu, kwaze kwazamazama umhlaba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ