Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 3:1 - IsiZulu 2020

1 Ekuqaleni kwenyanga yesikhombisa, abantu bakwa-Israyeli sebesemizini, bahlangana bonke ngothi lwabo eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Lapho isisondela inyanga yesikhombisa, abantwana bakwa-Israyeli besemizini, abantu babuthana eJerusalema njengomuntu munye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi ekufikeni kwenyanga yesikhombisa abantwana bakwa-Israyeli besemizini, abantu babuthana njengomuntu munye eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 3:1
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Sekukonke okwanikelwa ngabantu kwakungamadakire egolide ayizi-20 000, omina besiliva abayizi-2 000 nezingubo zabaphristi ezingama-67.


Abaphristi, abaLevi, abalindisango, abaculi, izisebenzi zasethempelini, abanye abantu no-Israyeli wonke bahlala emizini yakubo. Ngenyanga yesikhombisa, abantu base bezinzile emizini yakubo.


Abantu base behlangana, kwangathi bamuntu munye, egcekeni elaliphambi kweSango Lamanzi. Bamtshela u-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uSimakade awunika u-Israyeli.


Bafumanisa kulotshiwe emthethweni uSimakade ayeyale ngawo uMose ukuthi abantu bakwa-Israyeli kumele bahlale emadokodweni ngesikhathi somkhosi, ngenyanga yesikhombisa.


Lokhu kuyokuba yisimiso esiphakade kini: ngenyanga yesikhombisa, ngolweshumi lwenyanga, niyakuthobisa imiphefumulo yenu, ningenzi msebenzi, owolibo nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu.


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga, niyoba nosuku lokuphumula ngokuphelele, umhlangano ongcwele, oyoba yisikhumbuzo ngokuba nishaye amacilongo.


“ ‘Ngokuba ngaleso sikhathi ngiyakunika abantu izindebe zomlomo ezihlanzekileyo, ukuze bonke babize igama likaSimakade, bamkhonze bemunye.


Imihla ngemihla bazinikela nganhliziyonye ethempelini, ekuhlephuleni isinkwa emakhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangenhliziyo emsulwa,


Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye namphefumulo munye, akubanga bikho noyedwa owathi ngempahla yakhe, ingeyakhe, kodwa bahlanganyela kukho konke.


Bazalwane, ngiyanincenga, ngegama leNkosi yethu uJesu Khristu, ukuba nikhulume ngazwi linye, kungabi bikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe ekubumbaneni; nibe mqondo munye, nambono munye.


“Bonke abesilisa okanye nabo bayakuvela kathathu ngonyaka phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, endaweni ayoyiqoka: ngoMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, ngoMkhosi Wamasonto, nangoMkhosi Wamadokodo; abayukuza phambi kukaSimakade bengaphethe lutho olungumnikelo ezandleni.


Abantu bakwa-Israyeli baphuma kusukela kwaDani kuya eBheri Sheba, nakwaGileyadi, babuthana eMizpha kwaba ngathi ngumuntu munye, phambi kukaSimakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ