Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 2:68 - IsiZulu 2020

68 Kuthe ukuba bafike endlini kaSimakade eJerusalema, abanye bezinhloko zoyise banikela ngeminikelo yesihle ukuze kwakhiwe indlu kaSimakade esizeni sayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

68 Ezinye izinhloko zawoyise ekufikeni kwazo endlini kaJehova eseJerusalema zanikelela ngenhliziyo indlu kaNkulunkulu ukuba imiswe endaweni yayo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

68 Abanye bezinhloko zezindlu zoyise, lapho besendlini kaJehova eseJerusalema, bahlabela ize ukuze indlu kaNkulunkulu imiswe endaweni yayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 2:68
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ingelosi kaSimakade yamyala uGadi ukuba ayotshela uDavide ukuthi makakhuphuke, amisele uSimakade i-althare esibuyeni sika-Orinani, umJebusi.


UDavide wayesethi: “Le yindlu kaSimakade uNkulunkulu, leli yi-althare lomnikelo wokushiswa ka-Israyeli.”


USolomoni waqala ukwakha indlu kaSimakade eJerusalema, entabeni iMoriya, lapho uSimakade abonakala khona kuyise uDavide, endaweni uDavide ayeyilungisile, esibuyeni sika-Orinani, umJebusi.


amakameli abo ayengama-435; izimbongolo zazingama-672.


Banikela ebhokisini lomnikelo ngokwamandla abo: sekukonke okwaqoqwa lapho kwaba ngamadalike egolide angama-61 000, namamane esiliva ayizi-5 000 nezingubo zabaphristi eziyikhulu.


Noma izizwe ezazibazungezile zazibesabisa, balakha kabusha i-althare phezu kwezisekelo zalo, base benikela phezu kwalo kuSimakade iminikelo yokushiswa, iminikelo yokushiswa yasekuseni neyakusihlwa.


Ngokuba siseyizigqila, uNkulunkulu wethu akasishiyanga ebugqileni bethu, kodwa usenzele ububele bakhe phambi kwamakhosi asePheresiya; asinika impilo entsha ukuze sakhe kabusha indlu kaNkulunkulu wethu, sakhe kabusha obekuyincithakalo, wasenzela ugange kwaJuda naseJerusalema.


Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.


“Khuluma nabantu bakwa-Israyeli ukuze bangilethele umnikelo, kube yilowo nalowo anikele ngokuthanda kwenhliziyo yakhe; ningilethele umnikelo wami.


Bafika bonke labo ababenezinhliziyo ezithintekileyo, benentshisekelo emoyeni wabo. Baletha kuSimakade umnikelo owawuzosetshenziswa ethendeni lokuhlangana, nakuyo yonke eminye imisebenzi yalo, nokuthunga izingubo ezingcwele.


Bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, baletha ngokukhululeka noma yini ukuze kwenzeke umsebenzi uSimakade ayemyalile uMose ukuba wenziwe, bakuletha kuSimakade njengomnikelo wesihle.


UMose wabanika bonke umnikelo wesihle abantu bakwa-Israyeli ababewulethele umsebenzi wokwakhiwa kwendawo engcwele. Babewuletha kuye umnikelo wesihle njalo ekuseni imihla ngemihla,


Uma kukhona ukulangazela, nesipho siyemukeleka njengalokhu umuntu ethanda, kungayi ngalokho angenakho.


Ngokuba ngingafakaza ukuthi anikela engaphoqiwe ngokwamandla awo nangaphezu kwamandla awo.


Ngakho-ke yilowo nalowo makanikele njengalokhu enqumile enhliziyweni, kungabi ngokudabuka noma ngokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikela ethokoza.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ