Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 2:1 - IsiZulu 2020

1 Nampa abantu bezwe abakhuphuka ekuthunjweni ababethunjwe nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ababuyela eJerusalema nakwaJuda, yilowo nalowo waya emzini wakubo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Nampa abantwana bezwe abakhuphuka ekuthunjweni kwababethunjiwe bayiswa eBabele nguNebukadinesari, inkosi yaseBabele, babuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Laba bangabantwana besifunda abenyuka besuka ekuthunjweni kwabathunjwa, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, abathumbela eBabele, babuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 2:1
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abanye abantu abasala emzini, nalabo abahlubukayo, bahlubukela ngasohlangothini lwenkosi yaseBhabhele, nesixuku esiseleyo, uNebuzaradani, induna yabalindi, wabathumba bonke.


U-Israyeli wonke wabhalwa ngezizukulwane zakhe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli. UJuda wathunjelwa eBhabhele ngenxa yeziphambeko zakhe.


Abahlala kuqala emizini eyifa labo kwakungu-Israyeli, abaphristi, abaLevi namaNethini.


Sezizonke izitsha uSheshibhazari nabanye abathunjwa ababephuma eBhabhele beya eJerusalema abazithatha, zaziyi-5 400 zegolide, nesiliva, nezinye izinto.


bafika noZerubhabhele, uJeshuwa, uNehemiya, uSeraya, uRehelaya, uMoridekhayi, uBhilishani, uMisiphari, uBhigivayi, uRehumi noBhahana. Inani lamadoda akwa-Israyeli lalimi kanje:


Abaphristi, abaLevi, abanye abantu, abahlabeleli, abalindisango nabantu ababesebenza ethempelini bahlala emizini yakubo. Wonke u-Israyeli wahlala emizini yakubo.


“Makwazeke enkosini ukuthi siyile esifundazweni kwaJuda, endlini kaNkulunkulu omkhulu eyakhiwe ngamatshe amakhulu, kwafakwa namapulangwe ezindongeni. Lowo msebenzi uqhubeka ngesineke, bayaphumelela ukuwenza.


Kwatholakala umqulu e-Ekhibhathana, inhlokomuzi yesifundazwe eMediya, okwakulotshwe kuwo: Isikhumbuzo.


Bonke labo ababuya ekuthunjweni banikela ngeminikelo yokushiswa kuNkulunkulu ka-Israyeli. Banikela ngezinkunzi ezili-12 ezazimele u-Israyeli wonkana, izinqama ezingama-96, namawundlu angama-77; banikela ngezimpongo ezili-12 zaba ngumnikelo wesono. Konke lokho kwaba ngumnikelo wokushiswa owanikelwa kuSimakade.


Nampa abaphristi nabaLevi ababuya noZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa: uSeraya, uJeremiya, u-Ezra,


Lokhu kwenzeka ngesikhathi sokubusa kwenkosi u-Ahasheveroshi; lona ngu-Ahasheveroshi owayebusa izifundazwe eziyi-127, kusukela eNdiya kuye eKhushe.


ukuba balethe indlovukazi uVashiti ifake umqhele wobundlovukazi. Indlovukazi yayingowesifazane omuhle, inkosi yayifuna ukubukisa ngobuhle bayo kubantu nasezikhulwini.


kwathi ngonyaka wesithathu wokubusa kwayo, yenzela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili, abombutho wempi yasePheresiya naseMediya, izikhulu nababusi bezifundazwe, babelapho.


Okuphuzwayo kwakhishwa ngokomthetho, akekho owayephoqwa; ngokuba inkosi yayiyale zonke izikhulu zayo zasesigodlweni ukuba zenzele wonke umuntu ngokufisa kwakhe.


Ngaleso sikhathi kwase kubizwa ababhali benkosi. Kwakuwusuku lwama-23, ngenyanga yesithathu ebizwa ngokuthi uShivani. Bayalwa ukuba babhale noma yini uMoridekhayi abayala ukuba bayibhalele abaJuda ababesembusweni ka-Ahasheveroshi, neziphathimandla, nababusi, nezikhulu ezazikuzo zonke izifundazwe eziyi-127, kusuka eNdiya kuya eKhushe. Izincwadi bazibhala ngolimi lwaleso naleso sizwe, ngokwehlukana kwazo, nangokubhala kwazo, nakubaJuda, ngokubhala kwabo nangolimi lwabo.


Phumani eBhabhele nibalekele amaKhaledi; kumemezeleni lokho ngezwi lokujabula, nikuzwakalise, nikuphumisele nasemikhawulweni yomhlaba, nithi: “USimakade uyihlengile inceku yakhe, uJakobe.”


Ngiyakumbuyisela u-Israyeli emadlelweni akhe, aklabe eKharmeli naseBhashani, adle, asuthe ezintabeni zakwa-Efrayimi nezakwaGileyadi.


UJuda usekuthunjweni, ngenxa yokuhlupheka nangenxa yobugqila obukhulu; uhlala phakathi kwezizwe, akakutholi ukuphumula. Bonke abamxoshayo, bamficile phakathi kobuhlungu.


Abamelene nalo sebephenduke banjengamakhosi, izitha zalo zinokuthula. USimakade ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo. Izingane zalo sezihambile, zisekuthunjweni, ebusweni besitha.


Isigwebo sakho nesikhathi sokuthunjwa kwakho sekuphelile, ndodakazi, yaseZiyoni. Kodwa wena, ndodakazi, yakwa-Edomi, uzojeziswa, Yena uzozambula izono zakho, ngenxa yobubi bakho.


Ugu luyakuba ngolwensali yabendlu yakwaJuda, yeluse kulo. Iyakulala ezindlini e-Ashikeloni kusihlwa, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wayo uyakuyihambela, aguqule ukuthunjwa kwayo.


Umbusi eseyifundile incwadi, wambuza uPawula ukuthi ungowakusiphi isifunda, wathi ukuba ezwe ukuthi ungowaseKhilikhiya,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ