Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 10:9 - IsiZulu 2020

9 Bonke abantu bakwaJuda nabakwaBhenjamini babuthana eJerusalema ezinsukwini ezintathu; kwakuyinyanga yesishiyagalolunye, ngolwama-20 lwenyanga. Bonke abantu bahlala phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, beqhaqhazela ngenxa yobucayi balolu daba, nangenxa yemvula enkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Bonke abantu bakwaJuda nabakwaBenjamini babuthana eJerusalema ngezinsuku ezintathu; kwakuyinyanga yesishiyagalolunye, ngolwamashumi amabili lwenyanga; bonke abantu bahlala esigcawini ngaphambi kwendlu kaNkulunkulu bethuthumela ngale ndaba nangemvula enkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Bonke abantu bakwaJuda nabakwaBenjamini babuthana eJerusalema ngezinsuku ezintathu. Kwakuyinyanga yesishiyagalolunye, ngosuku lwamashumi amabili lwenyanga; bonke abantu bahlala esigcawini sendlu kaNkulunkulu bethuthumela ngenxa yale ndaba nangenxa yemvula enkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 10:9
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Ezra, umphristi, wayesesukuma, wathi kubo: “Nonile, naganwa ngabesifazane bezizwe, ngaleyo ndlela nathasisela icala lika-Israyeli.


Manje-ke masenze isivumelwano noNkulunkulu wethu sokubalahla bonke laba besifazane nezingane zabo, ngokwesiluleko senkosi yami nalabo abayesabayo imithetho kaNkulunkulu wethu; makwenziwe njengokumisiweyo emthethweni.


nokuthi uma bengafinyelelanga emhlanganweni ngezinsuku ezintathu, bayokwephucwa yonke impahla yabo, badingiswe enhlanganweni yabathunjwa ngokwesinqumo sabaphethe nezikhulu.


Kwase kubuthana bonke labo abathuthumela uma bezwa okwakushiwo nguNkulunkulu ka-Israyeli, ngenxa yokungethembi kwababebuye ekuthunjweni, bahlala nami kwaze kwaba yisikhathi somnikelo wakusihlwa.


Wasiwa enkosini u-Ahasheveroshi ngenyanga yeshumi, inyanga okuthiwa uThebhethi, ngonyaka wesikhombisa wokubusa kwayo.


Kepha uSimakade unguNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu ophilayo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe, umhlaba uyazamazama; izizwe azinakumelana nolaka lwakhe.


Lapho eduma ngezwi lakhe, kuhlokoma amanzi ezulwini; ukhuphula inkungu emikhawulweni yomhlaba, athumele umbani nemvula, akhiphe umoya ezinqolobaneni zakhe.


Inkosi yayihlezi endlini yasebusika, ngenyanga yesishiyagalolunye, kunembawula evuthayo phambi kwayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ