Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 10:8 - IsiZulu 2020

8 nokuthi uma bengafinyelelanga emhlanganweni ngezinsuku ezintathu, bayokwephucwa yonke impahla yabo, badingiswe enhlanganweni yabathunjwa ngokwesinqumo sabaphethe nezikhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 ngokuthi bonke abangafiki ngezinsuku ezintathu ngokwesiluleko sezikhulu namalunga kuyakudliwa yonke impahla yabo, bona bahlukaniswe nebandla labathunjwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Futhi ukuthi noma ubani owayengafiki phakathi kwezinsuku ezintathu ngokweseluleko sezikhulu nabadala, yonke impahla yakhe yayiyothathwa, futhi kwakumelwe ahlukaniswe nenhlangano yabathunjwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 10:8
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bathumela isimemezelo kulo lonke elakwaJuda naseJerusalema, kubo bonke ababebuye ekuthunjweni, ukuba bahlangane eJerusalema,


Bonke abantu bakwaJuda nabakwaBhenjamini babuthana eJerusalema ezinsukwini ezintathu; kwakuyinyanga yesishiyagalolunye, ngolwama-20 lwenyanga. Bonke abantu bahlala phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, beqhaqhazela ngenxa yobucayi balolu daba, nangenxa yemvula enkulu.


Bonke abangawulaleli umthetho kaNkulunkulu wakho nomthetho wenkosi, kumele bajeziswe ngokubafaneleyo, kungaba ngokufa noma ngokudingiswa, noma ngokudlelwa impahla noma ngokuboshwa.”


UJehoyada, indodana ka-Eliyashibhi, umphristi omkhulu, wavumela indodana yakhe ukuba iganwe yindodakazi kaSanibhalathi waseBhethi Horoni, ngakho-ke ngamxosha.


Kwathi abantu sebekuzwile okushiwo ngumthetho, babaxosha bonke abantu ababenokhokho abaxubileyo, bashiya abakwa-Israyeli boqobo.


“ ‘Nokho yonke into enikelwe, umuntu ayahlukanisele uSimakade kukho konke anakho, kungaba ngabantu, noma yizilwane, noma yinsimu eyifa lakhe, akuyukuthengiswa, futhi akunakuhlengwa; konke okunikelwe kungcwelengcwele kuSimakade.


Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma engafuni ukulalela ngisho nalo ibandla, makabe njengowezizwe nomthelisi kuwe.


Bayakunikhipha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza lapho bonke abanibulalayo beyakuthi basebenzela uNkulunkulu.


Abazali bayo basho lokho, ngokuba babesaba abaJuda, lokhu abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma kukhona ovuma ukuthi unguKhristu, uzakunqunywa esinagogeni.


Baphendula, bathi kuyo: “Wena wazalelwa esonweni ngokupheleleyo, wena usufundisa thina na?” Base beyikhiphela ngaphandle kwesinagoge.


Kepha uNkulunkulu uyakubahlulela abangaphandle. Mxosheni-ke lo omubi phakathi kwenu.


Kepha lonke isiliva, igolide, izitsha zethusi nezensimbi kungcwele kuSimakade, kuyakuyiswa endlini yengcebo kaSimakade.”


Abakwa-Israyeli base bethi: “Yisiphi isizwana phakathi kwezizwana zonke zakwa-Israyeli esingakhuphukanga ukuzoba yingxenye yenhlangano kaSimakade, na?” Ngokuba kwenziwe isifungo esinqala ngalabo abangakhuphukelanga kuSimakade eMizpha, esithi: “Lowo uyakubulawa.”


Wathatha izinkabi ezimbili, wazihlahlela, wathumela izithunywa nazo kuyo yonke imingcele yakwa-Israyeli, wathi: “Ongezukuphuma alandele uSawule noSamuweli kuzokwenzeka kanje ezinkabini zakhe.” Ingebhe ngoSimakade yehlela phezu kwabantu, baphuma kwangathi bamuntu munye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ