Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 10:6 - IsiZulu 2020

6 U-Ezra wasuka phambi kwendlu kaNkulunkulu, waya endlini kaJehohanani, indodana ka-Eliyashibhi, wahlala lapho ubusuku bonke, engadli lutho, futhi engaphuzi lutho, ngokuba wayelila ngenxa yokungethembeki kwabantu ababebuye ekuthunjweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Wayesevuka u-Ezra phambi kwendlu kaNkulunkulu, wangena ekamelweni likaJehohanani indodana ka-Eliyashibi, kepha esefike khona akadlanga sinkwa, kaphuzanga manzi, ngokuba walila ngenxa yesiphambeko sabathunjwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 U-Ezra wayesesuka phambi kwendlu kaNkulunkulu, wangena ekamelweni likaJohanani indodana ka-Eliyashibi, wafika khona, akadlanga sinkwa, akaphuzanga manzi; ngokuba walilela isiphambeko sabathunjwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 10:6
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi u-Ezra esakhuleka evuma izono, ekhala, ezilahle phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, isixuku esikhulu sabakwa-Israyeli sabuthana lapho, amadoda, abesifazane, nezingane, bonke babekhala kalusizi.


Bathumela isimemezelo kulo lonke elakwaJuda naseJerusalema, kubo bonke ababebuye ekuthunjweni, ukuba bahlangane eJerusalema,


Kwase kubuthana bonke labo abathuthumela uma bezwa okwakushiwo nguNkulunkulu ka-Israyeli, ngenxa yokungethembi kwababebuye ekuthunjweni, bahlala nami kwaze kwaba yisikhathi somnikelo wakusihlwa.


UJeshuwa wazala uJoyakimi; uJoyakimi wazala u-Eliyashibhi; u-Eliyashibhi wazala uJoyada;


AbaLevi babhalwa emihleni ka-Eliyashibhi, noJoyada, noJohanani, noJaduwa; njengezinhloko zemindeni yoyise nabaphristi ekubuseni kukaDariyu, umPheresiya.


UJehoyada, indodana ka-Eliyashibhi, umphristi omkhulu, wavumela indodana yakhe ukuba iganwe yindodakazi kaSanibhalathi waseBhethi Horoni, ngakho-ke ngamxosha.


walungisela uThobiya igumbi elikhulu lapho kwakubekwa khona umnikelo wokusanhlamvu, impepho, izitsha, okweshumi kokusanhlamvu, iwayini, amafutha, okwakunikwe ngokomthetho abaLevi, abaculi, abalindisango neminikelo yabaphristi.


Kwasuka u-Eliyashibhi, umphristi omkhulu nabanye abaphristi, bakha kabusha iSango Lezimvu, balinikela, bamisa namasango ezindaweni zawo. Banikela ugange kusukela eMbhoshongweni Wekhulu kuze kube seMbhoshongweni KaHananeli.


Ingxenye elandelayo kuze kuyofika esangweni lendlu yomphristi omkhulu, u-Eliyashibhi, yakhiwa nguBharukhi, indodana kaZabhayi.


Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi akhe ngiwagcinile esifubeni sami.


Umphefumulo wami udangele, wabunisa okotshani, inhliziyo yami imnyama, ukudla akusangeni.


Wahlala lapho noSimakade izinsuku ezingama-40, nobusuku obungama-40, akadlanga lutho, futhi akaphuzanga manzi. Wabhala ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo elishumi.


Ngalolo lusuku iNkosi uSimakade Wamabandla wanibiza ukuba nikhale, nilile, niphuce amakhanda, nigqoke indwangu eyisaka,


Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ngakhuleka, nganxusa ngokuzila ukudla, nangendwangu eyisaka, nangomlotha.


“Ngakhothama ngathi mbo phambi kukaSimakade njengakuqala, izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40; ngingadli sinkwa, ngingaphuzi manzi ngenxa yesono senu enanone ngaso, nenza okubi emehlweni kaSimakade, namthukuthelisa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ