Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 10:14 - IsiZulu 2020

14 Vumelani abaholi bethu kube yibona abazosimela kulolu daba, bamele inhlangano yonke. Makuthi bonke emizini yakithi abaganwe ngabesifazane bezizwe beze ngezikhathi ezimisiweyo, behambisana namalunga nabehluleli bemizi yonke, luze lusuke kithi ulaka lukaNkulunkulu maqondana nalolu daba.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Izinduna zethu mazime phambi kwebandla lonke; bonke abasemizini yethu abathathe abesifazane babezizwe mabeze ngesikhathi esinqunyiweyo, benamalunga emizi ngemizi nabahluleli bayo, ize ibuye kithi intukuthelo evuthayo kaNkulunkulu wethu kule ndaba.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Manje izinduna zethu zebandla lonke mazisukume, futhi bonke abathathe abafazi bezizwe emizini yethu mabeze ngezikhathi ezimisiweyo, kanye namalunga ayo yonke imizi nabahluleli bayo, kuze kufike ulaka lukaNkulunkulu wethu phezu kwalo suka kithi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 10:14
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nokho uSimakade akaphendukanga entukuthelweni enkulu ayemthukuthelele ngayo uJuda, nangokuchukuluza uManase achukuluza ulaka lwakhe ngakho.


Ngakho-ke ngilaleleni, nibuyisele emuva abafowenu enibathumbileyo, ngokuba ulaka oluvuthayo lukaSimakade luphezu kwenu.”


Manje kusenhliziyweni yami ukuba ngenze isivumelwano noSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ukuze ulaka lwakhe lusuke kithi.


Manje ningabi ngontamolukhuni njengawoyihlomkhulu, kodwa mnikeni uSimakade isandla senu, ningene endaweni yakhe engcwele, ayingcwelisa kuze kube phakade, nimkhonze uSimakade uNkulunkulu wenu ukuze ulaka lwakhe oluvuthayo lusuke kini.


Kepha kunabantu abaningi lapha, futhi lina kakhulu, asikwazi ukuma phandle. Ngaphezu kwalokhu, lolu daba alusilo olosuku olulodwa noma ezimbili, ngokuba iningi lethu liyachaphazeleka kulolu daba.


UJonathani, indodana ka-Asaheli noJahazeya, indodana kaThikhiva, bamelana nalesi sinqumo, besekwa ngoMeshulami noShabhethayi, abaLevi.


Kepha Yena waba nobubele, wabathethelela ububi babo, akaze ababhubhisa, yebo, wazibamba kaningi olakeni lwakhe, wangayikhiphela kubo yonke intukuthelo yakhe.


Ngalolo lusuku uyothi: “Ngiyakubonga, Simakade, ngokuba ubungithukuthelele, kodwa intukuthelo yakho uyinqandile, wangiduduza.


USimakade wathi kuMose: “Thatha bonke abaholi babantu, ubabulalele uSimakade lingakashoni ilanga, ukuze intukuthelo kaSimakade evuthayo isuke ku-Israyeli.”


Akuyukunamathela lutho oluqalekisiweyo esandleni sakho ukuze uSimakade aphenduke entukuthelweni yakhe evuthayo, aniphathe ngomusa, abe nesihe kini, anandise, njengalokhu afunga kokhokho benu,


Uye kubaphristi bamaLevi, nakumehluleli oyakuba khona ngalezo zinsuku, ukuze bakwazise isinqumo sokwehlulela.


Bamisa phezu kwakhe inqwaba yamatshe, esekhona nanamuhla. USimakade wayesephenduka olakeni lwakhe oluvuthayo. Ngakho-ke igama laleyo ndawo labizwa ngokuthi yisigodi i-Akhori.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ