Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 10:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi u-Ezra esakhuleka evuma izono, ekhala, ezilahle phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, isixuku esikhulu sabakwa-Israyeli sabuthana lapho, amadoda, abesifazane, nezingane, bonke babekhala kalusizi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 U-Ezra esakhuleka, evuma izono ngokukhala, eziwise phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, kwabuthana kuye kuvela ku-Israyeli ibandla elikhulu kakhulu labesilisa nabesifazane nabantwana, ngokuba abantu bakhala ngokukhala okukhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 U-Ezra esekhulekile nokuvuma izono, wakhala, wakhuleka phambi kwendlu kaNkulunkulu, ibandla elikhulu kakhulu lamadoda, nabesifazane, nabantwana, labuthana kuye kwa-Israyeli; ngoba abantu bakhala kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 10:1
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ukulalele ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho u-Israyeli abayakukukhuleka bekule ndawo, kuzwe usendaweni yakho ohlala kuyo ezulwini, nalapho usuzwile, uthethelele.


USimakade wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa onxuse ngakho phambi kwami. Ngiyibusisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke igama lami kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuhlala kuyo zonke izinsuku.


UJuda wonke wayemi phambi kukaSimakade kanye nezingane zabo, omkabo nabantwana babo.


‘Uma sehlelwa ngokubi, inkemba, ukwehlulelwa, ubhubhane, nendlala, siyakuma phambi kwale ndlu naphambi kwakho, ngokuba igama lakho likule ndlu; sikhale kuwe ekuhluphekeni kwethu, Wena uyakusizwa usisindise.’


U-Ezra wasuka phambi kwendlu kaNkulunkulu, waya endlini kaJehohanani, indodana ka-Eliyashibhi, wahlala lapho ubusuku bonke, engadli lutho, futhi engaphuzi lutho, ngokuba wayelila ngenxa yokungethembeki kwabantu ababebuye ekuthunjweni.


Ngathi ukuba ngizwe lezo zindaba, ngahlala phansi, ngakhala, ngazila izinsuku eziningi, ngizile ukudla ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu.


Beka indlebe yakho, ubheke ngamehlo akho, uzwe umkhuleko wenceku yakho ewukhuleka kuwe namuhla, imini nobusuku, ikhulekela izinceku zakho, abantu bakwa-Israyeli, ivuma izono zabakwa-Israyeli, esone ngazo kuwe. Mina nomndeni wami sonile.


Abanye abangagagulwanga ngamagama, abaphristi, abaLevi, abalindisango, abaculi, izisebenzi zasethempelini, nabo bonke ababezehlukanisile nabezizwe, bazihlanganisa nomthetho kaNkulunkulu, nomkabo nabantwana babo, bonke ababenolwazi nokuqonda,


Abantu lapho bezwa amazwi omthetho, balila kodwa uNehemiya umbusi, no-Ezra umphristi nombhali, nabaLevi ababefundisa abantu bathi kubo: “Ningakhali, ningalili, ngokuba lolu lusuku lungcwele kuSimakade uNkulunkulu wenu.”


Kugobhoza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho.


Ngase ngisivuma isono sami kuwe, angaze ngasifihla isiphambeko sami. Ngathi: “Ngizozivuma iziphambeko zami kuSimakade,” Yena wangithethelela icala lokona kwami.


Kepha uma ningalaleli; umphefumulo wami uyakukhala ngasese, ngenxa yokuzigqaja kwenu; iso lami liyakukhala kalusizi, liphophoze izinyembezi; ngokuba umhlambi kaSimakade uthunjiwe.


Sengathi ikhanda lami lingamanzi, namehlo ami ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhalele ababuleweyo babantu bami imini nobusuku.


Ngisakhuluma ngikhuleka, ngivuma izono zami nezono zabantu bakithi u-Israyeli, ngiletha ukunxusa kwami phambi kukaSimakade uNkulunkulu wami ngentaba engcwele kaNkulunkulu wami,


Thathani amazwi, nibuyele kuSimakade, nithi kuye: “Thethelela zonke iziphambeko, uthathe amazwi ethu, ukuze sinikele ngemilomo yethu ibe njengemihlatshelo yezinkunzi.


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa. Bayakungibuka mina, lowo abamgwazayo. Bayakumlilela njengokulilela kozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye, njengokukhalela kalusizi izibulo.


babhabhadiswa nguye emfuleni iJordani, bevuma izono zabo.


Kwathi lapho esondela, ewubona umuzi, wawukhalela.


UKhorneliyu wathi: “Kuthe ngikhuleka ngehora lesishiyagalolunye endlini yami, ezinsukwini ezine ezedlule, ngabonasekumi phambi kwami indoda eyayembethe ingubo ekhazimulayo,


Kepha kuthe seziphelile lezo zinsuku, saphuma sahamba, siphelezelwa yibo bonke, nomkabo nabantwana, baze basibeka ngaphandle komuzi. Saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka,


ukuthi nginosizi olukhulu nobuhlungu obungapheliyo enhliziyweni yami,


Qoqa abantu: abesilisa, abesifazane, abantwana, nomfokazi osemzini wakho ukuze bezwe, bafunde, bamesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, baqikelele ukwenza wonke amazwi alo mthetho,


UJoshuwa wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi mbo ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaSimakade kwaze kwaba kusihlwa, yena namalunga akwa-Israyeli bazithela ngothuli emakhanda.


UJoshuwa alikho nalinye izwi angalifundanga phambi kwebandla lakwa-Israyeli, kukho konke uMose ayeyale ngakho; wabafundela bonke abesifazane, abantwana nabafokazi ababehlala phakathi kwabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ