Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 1:7 - IsiZulu 2020

7 Inkosi uKhoresi yazikhipha yona mathupha izitsha zasendlini kaSimakade ezazithathwe nguNebukhadinezari eJerusalema, wazibeka ethempelini lonkulunkulu bakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UKoresi inkosi wakhipha izinto zendlu kaJehova, uNebukadinesari ayezikhiphile eJerusalema wazibeka endlini yawonkulunkulu bakhe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Inkosi uKoresi yazikhipha izitsha zendlu kaJehova uNebukadinesari ayezikhiphe eJerusalema, wazibeka endlini yawonkulunkulu bakhe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 1:7
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yakhipha yonke ingcebo yendlu kaSimakade, ingcebo yasesigodlweni senkosi, yaphihliza zonke izinto zegolide inkosi uSolomoni wakwa-Israyeli ayezenzele ithempeli likaSimakade njengoba uSimakade ayeshilo.


Kwathi ekuqaleni konyaka inkosi uNebukhadinezari yathumela ukuba kulethwe inkosi eBhabhele, nezitsha ezinhle zendlu kaSimakade. Yabe isibeka uZedekiya, umfowabo, ukuba abe yinkosi kwaJuda naseJerusalema.


Zonke izitsha zendlu kaNkulunkulu, ezinkulu nezincane, ingcebo yendlu kaSimakade nengcebo yenkosi neyezikhulu zayo, konke yakuyisa eBhabhele.


UNebukhadinezari wayisa ezinye izitsha zendlu kaSimakade eBhabhele, wazibeka esigodlweni sakhe eBhabhele.


Yazibuyisela eJerusalema zonke izitsha zegolide nesiliva zasendlini kaNkulunkulu ezazithathwe nguNebukhadinezari ethempelini eJerusalema, wayozibeka ethempelini eBhabhele. UKhoresi wazikhipha lezo zitsha wazinika indoda egama layo linguSheshibhazari, wayeseyibeka ukuba ngumbusi kwaJuda.


Izitsha zegolide nezesiliva zasendlini kaNkulunkulu ezazithathwe nguNebukhadinezari ethempelini eJerusalema wazisa eBhabhele, nazo kumele zibuyiselwe eJerusalema, yileso naleso endaweni yaso endlini kaNkulunkulu.”


Ngiyakujezisa uBheli eBhabhele, ngikukhiphe emlonyeni wakhe lokhu akugwinyileyo; izizwe azisayukugobhozela kuye, ugange lwaseBhabhele luyakuwa.


INkosi uNkulunkulu yanikela esandleni sakhe uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nengxenye yezitsha zasendlini kaNkulunkulu, waziyisa eShineyari endlini kankulunkulu wakhe; izitsha wazibeka endlini yengcebo kankulunkulu wakhe.


kepha uziphakamisile wamelana neNkosi yasezulwini. Balethe kuwe izitsha zendlu yakhe; wena, nezinduna zakho, nomkakho, nezancinza zakho naphuza iwayini ngazo. Wena ubadumisile onkulunkulu besiliva, abegolide, abethusi, abensimbi, abomuthi, nabetshe, abangaboni, abangezwa, abangazi, kodwa awumdumisanga uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ