U-Ezra 1:7 - IsiZulu 20207 Inkosi uKhoresi yazikhipha yona mathupha izitsha zasendlini kaSimakade ezazithathwe nguNebukhadinezari eJerusalema, wazibeka ethempelini lonkulunkulu bakhe. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE7 UKoresi inkosi wakhipha izinto zendlu kaJehova, uNebukadinesari ayezikhiphile eJerusalema wazibeka endlini yawonkulunkulu bakhe, အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20247 Inkosi uKoresi yazikhipha izitsha zendlu kaJehova uNebukadinesari ayezikhiphe eJerusalema, wazibeka endlini yawonkulunkulu bakhe; အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
kepha uziphakamisile wamelana neNkosi yasezulwini. Balethe kuwe izitsha zendlu yakhe; wena, nezinduna zakho, nomkakho, nezancinza zakho naphuza iwayini ngazo. Wena ubadumisile onkulunkulu besiliva, abegolide, abethusi, abensimbi, abomuthi, nabetshe, abangaboni, abangezwa, abangazi, kodwa awumdumisanga uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho.