Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 1:6 - IsiZulu 2020

6 Omakhelwane babo babasiza ngezinto zesiliva nezegolide nangezinye izinto, nemfuyo nezinto eziyigugu, ngale nje komnikelo wesihle ababewunikelela ithempeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Bonke ababazungezayo basekela izandla zabo ngezitsha zesiliva, nangegolide, nangempahla, nangezinkomo, nangamagugu, kanye nakho konke okwanikelwa ngakho ngenhliziyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Bonke ababebazungezile baqinisa izandla zabo ngezitsha zesiliva, nangegolide, nangezimpahla, nangezilwane, nangezinto eziyigugu, ngaphandle kwakho konke okwanikelwa ngokuzithandela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 1:6
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abantu bajabula ngokunikela kwabo ngenhliziyo, ngokuba banikela ngenhliziyo epheleleyo kuSimakade; naye uDavide, inkosi, wajabula ngokujabula okukhulu.


Yonke insali esezindaweni zonke lapho igogobele khona, noma ngabe ihleli kuphi, kufanele ilekelelwe ngabendawo yakubo, bayinike isiliva, igolide, izimpahla, imfuyo neminikelo yesihle yendlu kaNkulunkulu eJerusalema.’ ”


Ngosuku lwesine sisendlini kaNkulunkulu wethu, kwakalwa isiliva, igolide nezitsha, kwase kwedluliselwa kumphristi uMeremothi, indodana ka-Uriya, owayeno-Eleyazare, indodana kaFinehasi nabaLevi, uJozabhadi kaJeshuwa noNowadiya kaBhinuyi.


Ngokuba bonke babefuna ukusethusa, bethi: “Bazodikibala bayeke ukusebenza.” Ngakhuleka ngathi: “Nkulunkulu, qinisa izandla zami.”


Wenza ukuthi bonke ababebathumbile babazwele.


Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.


Abantu bakwa-Israyeli benza njengoba uMose ayebatshelile; bacela kwabaseGibhithe ubucwebecwebe besiliva, igolide, nezimpahla zokugqoka.


USimakade wabenzela umusa emehlweni abaseGibhithe, babanika konke abakucelayo. Babaphundla kanjalo-ke abaseGibhithe.


Qinisani izandla eziyethileyo, niqinise amadolo axegayo.


Ngakho-ke yilowo nalowo makanikele njengalokhu enqumile enhliziyweni, kungabi ngokudabuka noma ngokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikela ethokoza.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ