Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 1:5 - IsiZulu 2020

5 Kwase kuthi izinhloko zemindeni yakwaJuda nezakwaBhenjamini, abaphristi nabaLevi, nabo bonke izinhliziyo zabo uNkulunkulu azithinta, balungiselela ukuhamba beyokwakha indlu kaNkulunkulu eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kwase kusuka izinhloko zawoyise bakwaJuda noBenjamini, nabapristi, namaLevi, bonke abamoya wabo uNkulunkulu ayewuvusile ukuba bakhuphuke bakhe indlu kaJehova eseJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Khona-ke izinhloko zawoyise bakwaJuda noBhenjamini, abapristi namaLevi, nabo bonke abamoya wabo uNkulunkulu awuvusayo, basukuma ukuze bakhe indlu kaJehova eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 1:5
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngonyaka wokuqala wokubusa kukaKhoresi, inkosi yasePheresiya, ukuze kufezeke izwi likaSimakade alikhuluma ngomlomo kaJeremiya, uSimakade wavusa umoya kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, ukuba imemezele embusweni wayo wonke, futhi kulotshwe ukuthi:


Ngonyaka wokuqala kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, ukuze kugcwaliseke izwi likaSimakade alikhuluma ngoJeremiya, uSimakade wavusa umoya kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, yase ishaya umthetho kuwo wonke umbuso wayo, yakhipha isimemezelo esibhaliweyo, esasithi:


“Nakhu okushiwo nguKhoresi, inkosi yasePheresiya, uthi: “ ‘USimakade uNkulunkulu wasezulwini unginike yonke imibuso yomhlaba, wangiqoka ukuba ngimakhele indlu eJerusalema, kwaJuda.


Yonke insali esezindaweni zonke lapho igogobele khona, noma ngabe ihleli kuphi, kufanele ilekelelwe ngabendawo yakubo, bayinike isiliva, igolide, izimpahla, imfuyo neminikelo yesihle yendlu kaNkulunkulu eJerusalema.’ ”


Ngavuka ebusuku, ngahamba namanye amadoda; angitshelanga muntu ngalokho uNkulunkulu wami ayekubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele iJerusalema. Angithathanga silwane ngaphandle kwaleso engangisigibele.


Amasu enhliziyo angawomuntu, kepha impendulo yolimi ivela kuSimakade.


USimakade wavuselela umoya kaZerubhabhele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nomoya kaJoshuwa indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, nomoya wensali yonke yabantu, beza, basebenza endlini kaSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wabo,


Kepha makabongwe uNkulunkulu obeke enhliziyweni kaThithu le nkuthalo ngani,


Ngokuba uNkulunkulu nguye osebenza kini ukuba nithande, futhi nenze ngokwentando yakhe.


Mzalwane, ungalokothi ulandele okubi, kodwa ulandele okuhle kuphela. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu, kodwa owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ