Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 1:3 - IsiZulu 2020

3 Noma ngubani phakathi kwabo bonke abangabantu bakhe, sengathi uNkulunkulu wakhe angaba naye, makakhuphukele eJerusalema, kwaJuda, ayokwakha kabusha indlu kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, unguNkulunkulu oseJerusulema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Noma ngumuphi phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe, uNkulunkulu wakhe makabe naye, akhuphukele eJerusalema lakwaJuda, akhe indlu kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, yena onguNkulunkulu waseJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngubani phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe? uNkulunkulu wakhe makabe naye, akhuphukele eJerusalema lakwaJuda, akhe indlu kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, (unguNkulunkulu) eseJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 1:3
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abantu bonke bakubona lokho bawa ngobuso, bathi: “USimakade nguye onguNkulunkulu; uSimakade nguye onguNkulunkulu.”


wathi: “Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, akekho unkulunkulu onjengawe phezulu ezulwini nasemhlabeni phansi, ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,


UDavide wayesethi kuSolomoni, indodana yakhe: “Qina, ume isibindi, wenze lokhu. Ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uSimakade uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu wami, unawe. Akayukukuyeka, akayukukushiya, uze uphele wonke umsebenzi wokwakha le ndlu kaSimakade.


Yonke insali esezindaweni zonke lapho igogobele khona, noma ngabe ihleli kuphi, kufanele ilekelelwe ngabendawo yakubo, bayinike isiliva, igolide, izimpahla, imfuyo neminikelo yesihle yendlu kaNkulunkulu eJerusalema.’ ”


Kepha uZerubhabhele noJeshuwa nabanye ababeyizinhloko zemindeni yakwa-Israyeli babaphendula bathi: “Aninalo ilungelo lokusisiza ekwakheni indlu kaNkulunkulu wethu; yithina ngokwethu esizomakhela uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli; nguKhoresi, inkosi yasePheresiya, osiyale ukuba senze kanjalo.”


“ ‘Kepha ngonyaka wokuqala wokubusa kwenkosi uKhoresi eBhabhele, yakhipha isimemezelo sokuthi le ndlu kaNkulunkulu kumele yakhiwe kabusha.


Ngaso leso sikhathi uThathenayi, umbusi wasentshonalanga yeYufrathe noShethari Bhozenayi, nabangani babo bakhuluma nabo, bathi: “Ngubani onigunyaze ukwakha le ndlu, nokuqeda lesi sakhiwo na?”


hlukanani nomsebenzi wendlu kaNkulunkulu; yekelani umbusi wabaJuda nezikhulu bayakhe kabusha indlu kaNkulunkulu esizeni sayo.


USimakade uqoke iZiyoni, ulithandile ukuba libe yindawo yakhe yokuhlala, wathi:


bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguSimakade, ungoPhezukonke emhlabeni wonke.


“Simakade Wamabandla, Nkulunkulu ka-Israyeli, oqhwakele phezu kwamakherubhi, unguNkulunkulu, Wena wedwa, wemibuso yonke yomhlaba, nguWena owenze izulu nomhlaba.


othi ngoKhoresi: ‘Ungumelusi wami, uyakufeza konke okwentando yami, athi ngeJerusalema: liyakwakhiwa, nakulo ithempeli: Isisekelo sakho siyakubekwa.’ ”


Mina nginguSimakade, akekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami; ngiyakukubhincisa noma ungazange ungazi,


Kepha uSimakade unguNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu ophilayo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe, umhlaba uyazamazama; izizwe azinakumelana nolaka lwakhe.


Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, njengalokhu ukwazile ukwambula le mfihlakalo.”


“Ngibeka umthetho wokuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, “ngokuba unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube phakade. Umbuso wakhe yiwo ongayikubhujiswa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube phakade.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


Walithumela izwi kubantu bakwa-Israyeli, eshumayela ivangeli lokuthula ngaye uJesu uKhristu; okunguYena oyiNkosi yabo bonke.


Impela idwala labo alifani neDwala lethu; nezitha zethu ziyakuvuma lokho.


Ngiyakuyala manje: qina, ume isibindi; ungesabi, ungadikibali, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe noma kuphi lapho uya khona.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ