Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 9:9 - IsiZulu 2020

9 “Ngokuba bheka, ngiyakukhipha umyalo, nginyakazise indlu yakwa-Israyeli phakwathi kwezizwe zonke, njengokunyakaziswa kwesihlungo kuhlungwa, kodwa kungabi bikho okusanhlamvu okuwela emhlabathini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Ngokuba bheka, ngiyakuyaleza, ngizulazulise indlu yakwa-Israyeli phakathi kwabo bonke abezizwe, njengalokhu kuhlungwa ngesihlungo, kepha akuyikuwela nembewu eyodwa emhlabathini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngokuba bhekani, ngiyaleza, futhi ngiyohlunga indlu ka-Israyeli phakathi kwezizwe zonke, njengokuhlungwa kukakolweni ngesisefo, kepha akuyikuwela nokuncane okusanhlamvu emhlabathini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 9:9
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kuyothi ngalolo lusuku uSimakade avuthulule emfuleni omkhulu, kuze kufike emfuleni eGibhithe, nina bantu bakwa-Israyeli niqoqwe ngamunye ngamunye.


Okusanhlamvu kokwenza isinkwa kuyagaywa, kodwa umuntu akakubhuli njalo, ngisho engakufihliza ngenqola edonswa ngamahhashi, akusoze kwacoliseka.


ukuphefumula kwakhe kunjengomfula okhukhulayo, oze ufinyelele ezinkwazini, ukuzohlunga izizwe ngesihlungo sokubhubhisa. Itomu elidukisayo liyoba semihlathini yezizwe.


“Uma lokhu okumisiwe kungasuka ebusweni bami, yilapho-ke abozalo luka-Israyeli beyakuphela, bangabe besaba yisizwe phambi kwami zonke izinsuku,” kusho uSimakade.


Ungesabi wena nceku yami, Jakobe,” kusho uSimakade, “ngokuba nginawe; ngiyakuqeda ngokuphelele zonke izizwe engikuxoshele kuzo, kodwa wena angiyukukuqeda. Ngiyakukuyala ngobulungiswa, angiyukukuyeka ngingakujezisi.”


Ngiyakwehlisela phezu kwe-Elamu imimoya emine evela emkhawulweni yomine yezulu, ngibahlakazele kuyo yonke leyo mimoya, akuyukuba bikho sizwe lapho abaxoshiweyo base-Elamu bengayikufika khona.


ngihlunge kini abahlubuki nabaphambukayo kimi, ngibakhiphe ezweni lapho begogobele khona, kepha abayukungena kwelakwa-Israyeli, niyokwazi ukuthi nginguSimakade.


Ngabahlakazela ezizweni, basatshalaliselwa emazweni; ngabehlulela ngangokuziphatha kabi kwabo nangezenzo zabo.


Bayakukwazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wabo, ngabayisa ekuthunjweni, ngiyakubaqoqa ukuba babuyele ezweni lakubo, futhi angiyukushiya noyedwa lapho;


Ngakho-ke abazali bayakudla abantwana babo phakathi kwakho, nabantwana badle abazali, ngiyakuletha ukwehlulela kuwe, kuthi insali yenu ngiyihlakazele kuyo yonke imimoya.


Ingxenye yokuthathu yenu, iyakufa ngobhubhane nangendlala, bayoshabalala phakathi kwakho. Ingxenye yokuthathu elandelayo, iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho, kuthi ingxenye yokuthathu yokugcina ihlakazelwe kuyo yonke imimoya, Mina ngizohosha inkemba, ngizixoshe.


Nina ngiyakunihlakazela phakathi kwezizwe, ngithumele inkemba emva kwenu, izwe lakini liyakuba yincithakalo, nemizi yenu ibe ngamabibi.


“Simoni, Simoni, lalela la; uSathane unicelile ukuba anihlunge njengokolweni.


“USimakade uyakukuhlakazela ezizweni zonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye, uyokhonza lapho abanye onkulunkulu bemithi namatshe ongabaziyo, wena nokhokho bakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ