Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 9:4 - IsiZulu 2020

4 Noma bangathunjwa yizitha zabo, nakhona lapho ngiyakujuba inkemba ukuba ibabhuqabhuqe, iso lami liyakuthi njo kubo, kube kubi, kungabi kuhle.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Noma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo, ngiyakubiza inkemba ukuba iphume khona, ibabulale, ngibeke amehlo ami kubo kube kubi, kungabi kuhle.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Noma beya ekudingisweni phambi kwezitha zabo, ngiyakuyala inkemba kusukela lapho, ibabulale; ngiyakubhekisa amehlo ami kubo kube kubi, kungabi kuhle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 9:4
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Wawusuthi ezincekwini zakho: ‘Mletheni kimi ukuze ngimbone.’


Amehlo kaSimakade abona emhlabeni wonke ukuqinisa labo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Wenze ubuwula kule nto, ngokuba kusukela manje sekuzohlala kunokulwa.”


USimakade uyakuzwa ukunxusa kwabalungileyo, abakhulule kuzo zonke izinhlupheko zabo.


Entathakusa uSimakade esensikeni yomlilo nasefini, wabheka phansi emshungwini wempi yabaseGibhithe, wayenza yadideka impi.


Ababhubhisi batheleke bevela kuzo zonke izindawo eziphakemeyo, ezingamaqwaqwasi ehlane; inkemba kaSimakade iyabhubhisa, kusukela kulo mkhawulo womhlaba kuya komunye, akukho ukuthula kubantu.


Ngokuba ngimelene nalo muzi, ukwenza okubi kuwo, kungabi ngokuhle,’ ” kusho uSimakade. “Uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBhabhele, iwushise ngomlilo.”


Amehlo ami ngiyakuwabhekisa kubo, kube kuhle, ngibabuyisele kuleli lizwe; ngibakhe ngingababhidlizi, ngibatshale ngingabasiphuli.


“Mthathe, umphathe kahle, ungezi lutho kuye oluzomlimaza, kodwa wenze lokho akutshela khona.”


“Hamba utshele u-Ebhedi Melekhi, umKhushe, uthi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: bheka, ngiyakuwafeza amazwi ami amelene nalo muzi kuyoba ngokubi, hhayi okuhle, ngalolo lusuku ayofezeka phambi kwakho.


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: bheka, ngiyakubhekana nani ngqo, kube kubi, ngimbhubhise wonke uJuda.


Ingxenye yokuthathu yenu, iyakufa ngobhubhane nangendlala, bayoshabalala phakathi kwakho. Ingxenye yokuthathu elandelayo, iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho, kuthi ingxenye yokuthathu yokugcina ihlakazelwe kuyo yonke imimoya, Mina ngizohosha inkemba, ngizixoshe.


Ingxenye yokuthathu uyakuyishisa ngomlilo phakathi komuzi, lapho seziphelile izinsuku zokuvinjezelwa; uyothatha ingxenye yokuthathu elandelayo, uyigalele ngenkemba nxazonke; kuthi ingxenye yokuthathu yokugcina, uyihlakaze emoyeni. Mina ngizohosha inkemba emva kwabo.


“ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma umfokazi ogogobele phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyomelana nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kwabakubo.


Nina ngiyakunihlakazela phakathi kwezizwe, ngithumele inkemba emva kwenu, izwe lakini liyakuba yincithakalo, nemizi yenu ibe ngamabibi.


Bhekani-ke, amehlo eNkosi uSimakade awubhekile umbuso owonayo; ngiyakuwuqenda nya ebusweni bomhlaba, nakuba ngingeke ngiyishabalalise ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” kusho uSimakade.


Ngokuba ngaphambi kwalezo zinsuku kwakungekho nkokhelo yamuntu, kungekho nkokhelo yezilwane, kungekho kuthula kophumayo noma kongenayo ngenxa yesitha, ngokuba nganiqatha ukuze kube yilowo nalowo alwe nomakhelwane wakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ