Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 9:13 - IsiZulu 2020

13 “Bhekani-ke, ziyeza izinsuku, lapho olimayo eyakuficwa ovunayo, onyathela amagilebhisi aficwe ngohlwanyela imbewu; izintaba ziyakuconsa iwayini elimnandi, ligeleze emagqumeni wonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Bhekani, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho olimayo eyakufica ovunayo, nonyathela izithelo zomvini ohlwanyela imbewu; izintaba ziyakuconsa iwayini, amagquma onke ancibilike.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 “Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho umlimi eyakufica ovunayo nonyathela izithelo zomvini ohlwanyelayo; izintaba ziyoconsa iwayini elimnandi, namagquma onke ayakuncibilika.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 9:13
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ubophela ithole lembongolo yakhe emvinini, nethole lembongolo emvinini wekhethelo. Uhlanza izingubo zakhe ewayinini, nezambatho zakhe ngegazi lezithelo zomvini.


Izintaba zincibilikisa okwengcina phambi kukaSimakade, phambi kweNkosi yawo wonke umhlaba.


Ukuthokoza nokujabula kususiwe ensimini yezithelo, akusahlatshelelwa maculo; ezivinini akusamenyezwa, abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni; ngikuqedile ukumemeza.


Esikhundleni sogagane, kuyomila umsayiphuresi; nasesikhundleni samakhakhasi, kumile umbomvana. Kuyokuba yisikhumbuzo kuSimakade, nesibonakaliso saphakade esingeyukuphela, esingasayukunqunywa.”


Bahlale kulo belondekile, bakhe izindlu, batshale izivini, bahlale bevikelekile, ngesikhathi ngibehlulela bonke ababedelelayo ababazungeze nxazonke, bayakukwazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wabo.” ’ ”


Bayakuthi: “Leli lizwe ebeliyihlane selifana nensimu yase-Edene; nemizi ebibhujisiwe, ebiyincithakalo nebibhidliziwe isibiyelwe, sekukhona abahlala kuyo.


Izibuya ziyakugcwala okusanhlamvu, izikhamo ziphuphume iwayini elisha namafutha amasha.


“Kuyothi ngalolo lusuku izintaba ziconse iwayini elimnandi, amagquma agobhoze ubisi, imihosha yonke yakwaJuda igeleze amanzi. Kuyakuqhuma umthombo endlini kaSimakade oyakunisela isigodi iShithimi.


Kepha uJuda uyakuzinza kuze kube phakade, neJerusalema liyakuba khona izizukulwane ngezizukulwane.


Niyobhula kuze kube yisikhathi sokuvuna imivini, nivune imivini kuze kube yisikhathi sokulima; niyakudla isinkwa senu, nisuthe, futhi niyohlala ezweni lakini nivikelekile.


INkosi uSimakade Wamabandla nguye othinta umhlaba, uncibilike, balile bonke abahlala kuyo; uyakukhukhumala wonke njengomfula, ubuye ubohle njengomfula eGibhithe;


Anejwayele yini ukuthi sekusele izinyanga ezine kuvunwe. Lalelani-ke, ngithi kini: phakamisani amehlo enu nibone ukuthi amasimu asemhlophe, alungele ukuvunwa.


Izintaba zathuthumela phambi kukaSimakade waseSinayi, phambi kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ