Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 9:11 - IsiZulu 2020

11 “Ngalolo lusuku ngiyakuvusa idokodo eliwile likaDavide, ngivale imifantu yalo, ngivuselele kabusha okuwileyo, ngilakhe kabusha njengasezinsukwini zasemandulo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Ngalolo suku ngiyakumisa idokodo likaDavide eliwileyo, ngivale imifantu yalo; ngiyakumisa izihlephu zalo, ngilakhe njengasezinsukwini zasendulo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngalolo suku ngiyakuvusa itabernakele likaDavide eliwileyo, ngivale imifantu yalo; ngiyakuvusa amanxiwa awo, ngilakhe njengasezinsukwini zasendulo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 9:11
37 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kanti awumbiyelanga yini nxazonke ngothango, yena nabomndeni wakhe, nakho konke anakho, wabusisa nomsebenzi wezandla zakhe na? Imfuyo yakhe iwuchibidolo ezweni.


Ngiyazikhumbula izinsuku zasendulo, ngizindla ngemisebenzi yakho yonke, ngicabange ngezenzo zezandla zakho.


Uludilizeleni uthango lwawo, baze bawukhe bonke abadlula ngendlela na?


Udilize zonke izindonga zakhe, wazenza izinqaba zakhe zaba yincithakalo.


kumiswe isihlalo sobukhosi ngomusa, ethendeni likaDavide, kuhlale kuso ngokwethembeka umehluleli oyofuna ubulungiswa, asheshe ukwenza okulungileyo.


Ngakho-ke manginitshele engizokwenza esivinini sami: ngizosusa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngibhidlize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe.


Abanye phakathi kwenu bayokwakha kabusha incithakalo yezakhiwo zasemandulo; uyakuvusa izisekelo zezizukulwane ngezizukulwane, uyobizwa ngokuthi unguMvuseleli wezingange, noMlungisi wemigwaqo ukuba kuhlalwe kukho.


Abantu bakhe base bekhumbula izinsuku zakuqala zikaMose, bathi: uphi lowo owabakhipha olwandle nabelusi bomhlambi wakhe na? Uphi lowo owabeka uMoya wakhe oNgcwele phakathi kwabo,


Ngiyakuveza izizukulwane kuJakobe, nendlalifa yezintaba zami kuJuda; abakhethiweyo bami bayakulidla, nezinceku zami ziyakukwakha khona.


Ngesinye isikhathi ngiyakukhuluma ngesizwe nangombuso ukuwakha nokuwutshala;


kodwa bayakukhonza uSimakade uNkulunkulu wabo, noDavide inkosi yabo engiyakubavusela yena.


Ngiyakubanikela esandleni salabo abafuna ukuphila kwabo, nasesandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, nasesandleni sezinceku zakhe. Emveni kwalokho iGibhithe kuyakuhlalwa kulo njengasezinsukwini zasemandulo,” kusho uSimakade.


Sibuyisele kuwe, Simakade, siyakubuya; yenza izinsuku zethu zibe zintsha njengasemandulo;


Zonke izihlahla zasendle ziyakukwazi ukuthi Mina Simakade ngenza isihlahla eside sibhashe kuthi esibhashile ngisenze sikhule sibe side. Ngiyasomisa isihlala esiluhlaza, bese ngisihlumisa esomileyo sibe luhlaza. “ ‘Mina Simakade ngikhulumile futhi ngiyakukwenza lokho.’ ”


Ngiyakuwandisa umumo wabantu nezilwane, kwande, kuzalane. Ngiyakwenza ukuba kuhlalwe kini njengakuqala, nginenzele okuhle kunakuqala, niyakukwazi ukuthi nginguSimakade.


Kuyakuthi emveni kwalokho abantu bakwa-Israyeli baphenduke, bafune uSimakade uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, bayakuzithoba kuSimakade nasebuhleni bakhe ekupheleni kwezinsuku.


Kepha entabeni iZiyoni kuyakuba ukuhlengwa, iyakuba yindawo engcwele, nabendlu yakwaJakobe bayakudla ifa lababaphangileyo.


“Kepha wena Bhethlehema Efratha, nakuba ungomncinyane emindenini yakwaJuda, ngiyakuvusa oyakuvela kuwe, uyakuba ngumbusi kwa-Israyeli, ondabuko yakhe ngeyasemandulo, ezinsukwini zaphakade.”


“Kuyakufika usuku lokwakha ugange lwakho, ngalolo lusuku umngcele wakho uyakunwetshwa ube kude.


Yelusa abantu bakho ngentonga yakho; umhlambi oyifa lakho, ohlala wodwa ehlathini phakathi eKharimeli; mawuklabe eBhashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasemandulo.


Sitha sami, ungasini ngethambo lami; ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uSimakade uyakuba ngukukhanya kwami.


“USimakade uyakuhlenga amathende akwaJuda kuqala, ukuze udumo lwendlu kaDavide nodumo lwabakhileyo eJerusalema lungabi lukhulu phezu kukaJuda.


Izwe lonke liyakuphenduka lifane ne-Arabha kusukela eGebha kuya eRimoni ngaseningizimu yeJerusalema. IJerusalema liyakuphakama lihlale endaweni yalo, kusukela eSangweni LikaBhenjamini kuze kube seSangweni Lakuqala, kufinyelele eSangweni Legumbi; kusukela eMbhoshongweni kaHananeli kuze kube sesikhamweni sewayini lenkosi.


Uyakuthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: Bheka, kukhona indoda egama layo nguHlumela; uyakumila endaweni yakhe, akhe ithempeli likaSimakade.


U-Edomi uyakuba yisabelo sakhe neSeyire izitha zakhe zibe yifa lakhe. U-Israyeli uyakudlondlobala ngamandla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ