USimakade wangikhombisa; bheka, amaqoma amabili ayenamakhiwane ebekwe phambi kwethempeli likaSimakade, emveni kokuba uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ayesethumbe oJekhoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezingcweti nabacangcathi bensimbi, ebathumbe eJerusalema, wabayisa eBhabhele.