Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 7:9 - IsiZulu 2020

9 “Izindawo eziphakemeyo zika-Isaka ziyakubhidlizwa, nezindlu zokukhonzela zakwa-Israyeli ziyakudilizwa, ngiyakubhuqabhuqa indlu kaJerobhowamu ngenkemba yami.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Izindawo eziphakemeyo zika-Isaka ziyakuchithwa, nezindlu ezingcwele zakwa-Israyeli ziyakuqothulwa, ngivukele indlu kaJerobowamu ngenkemba.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Iziqongo zakwa-Isaka ziyakuba yihlane, nezindawo ezingcwele zakwa-Israyeli zichitheke; futhi ngizovukela indlu kaJerobowamu ngenkemba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 7:9
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Israyeli waphuma eKhanani nakho konke ayenakho, kwathi lapho efika eBheri Sheba, wenzela uNkulunkulu kayise u-Isaka umhlatshelo.


Wenza okubi emehlweni kaSimakade, akazange asuke nakwesisodwa sezono zikaJerobhowamu, indodana kaNebhathi, onisa ngazo u-Israyeli.


Abantu bakho abangcwele balidla ifa okwesikhashana; izitha zethu ziyigxobagxobile indawo yakho engcwele.


“Sijabhile, ngokuba sithukiwe; ubuso bethu buthelwe ngehlazo, ngokuba abafokazi bangene ezindaweni ezingcwele zendlu kaSimakade.”


‘Nina zintaba zakwa-Israyeli, yizwani izwi leNkosi uSimakade. Isho kanje iNkosi uSimakade ezintabeni nasemagqumeni, emfudlaneni nasezigodini, ithi: bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwenu inkemba, ngibhubhise izindawo zenu eziphakemeyo.


Izindawo eziphakemeyo e-Aveni, eziyisono sakwa-Israyeli, ziyakubhidlizwa. Kuyakumila ameva namakhakhasi kumboze ama-althare abo; bayakuthi ezintabeni: “Simbozeni,” bathi emagqumeni: “Welani phezu kwethu.”


“Ngokuba mhla ngimjezisa u-Israyeli ngeziphambeko zakhe, ngiyakudiliza nama-althare eBhethele, nginqume nezimpondo ze-althare, ziwele phansi.


Kodwa ningalifuni iBhethele, ningayi eGiligali, ningadluleli eBheri Sheba, ngokuba impela iGiligali liyakuthunjwa, iBhethele liphenduke ize.


Ngokuba u-Amose ukhulume kanje, wathi: “UJerobhowamu uyakufa ngenkemba, u-Israyeli athunjwe impela ezweni lakhe.”


ungaphindi uphrofethe futhi eBhethele, ngokuba liyindlu engcwele yenkosi, nendlu yombuso.”


Labo abafunga icala laseSamariya, bathi: ‘Ngokuphila konkulunkulu bakho, Dani,’ nokuthi: ‘Ngokuphila kwendlela eBheri Sheba,’ bayakuwa, bangaphinde bavuke.”


Ngabona iNkosi imi ngase-althare, yathi: “Shaya izihloko zezinsika, ukuze kuzamazame umnyango phansi, uziphihlize phezu kwamakhanda abo bonke. Abayakusala kubo ngiyakubabulala ngenkemba. Obalekayo kubo akayukuphunyuka nophunyukayo kubo akayukusinda.


Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe, nangenxa yezono zendlu ka-Israyeli. Ngubani owaphambukisa uJakobe? Akusilo yini iSamariya na? Ngubani izindawo eziphakemeyo zakwaJuda? Akusilo yini iJerusalema na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ