Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 7:8 - IsiZulu 2020

8 USimakade wathi kimi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Intambo yomthofu yokulinganisa.” INkosi yayisithi: “Uyabona-ke, sengizobeka intambo yomthofu yokulinganisa phakathi kwabantu bami u-Israyeli angisayukubaxolela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UJehova wathi kimi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Intambo yomthofu wokumisa.” Yayisithi iNkosi: “Bhekani, ngiyakubeka intambo yomthofu wokumisa phakathi kwabantu bami u-Israyeli; angisayikubadlula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UJehova wathi kimi: “Amose, ubonani na? Futhi ngathi: Umthofu. Wayesethi uJehova: “Bheka, ngibeka intambo yomthofu wokumisa phakathi kwabantu bami u-Israyeli; ngeke ngisadlula kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 7:8
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngizakwelula phezu kweJerusalema umucu wokulinganisa waseSamariya, nomthofu wokumisa indlu ka-Ahabi; ngiyakulesula iJerusalema njengomuntu esula isitsha, uyasesula aphinde asibhekise phansi.


Ubulungiswa ngizobenza umucu wokukala, ukulunga kube ngumthofu wokuqondisa, isichotho siyophephetha inqaba yamanga, amanzi akhukhule umpheme.


Liyakuba yifa lonogolantethe nenhloli, kuyohlala isikhova negwababa kulo. Uyokwelulela phezu kwalo intambo yokukala yencithakalo, nomthofu wokumisa okuyize.


Wena ungishiyile,” kusho uSimakade, “wabuyela emuva; ngiselulile isandla sami kuwe, ngakubhubhisa, ngikhathele ukukuhawukela.


USimakade wayekuhlosile ukubhubhisa udonga lwendodakazi iZiyoni; welula intambo yokulinganisa, akasibambanga isandla sakhe ekubhubhiseni; washiya imigoqo nezindonga kukhala; kuyincithakalo.


UGomeri wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. USimakade wathi kuHoziya: “Iqambe igama uthi: ‘uLo Ruhama,’ ngokuba angisayukuphinde futhi ngiyizwele indlu yakwa-Israyeli ukuba impela ngibathethelele.


Yangibonisa kanje: Bheka, uSimakade wayemi ngasodongeni olwakhiwe lwalinganiswa ngentambo yomthofu, ephethe esandleni sakhe intambo yomthofu yokulinganisa.


Yathi kimi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Iqona elinezithelo zasehlobo.” USimakade wayesethi kimi: “Isikhathi sokuthalalisa kubantu bami u-Israyeli sesiphelile; angisayukubaxolela.


Ngubani onguNkulunkulu njengawe othethelela ukona, ayekelele isiphambeko sensali eyifa lakhe; akahlali ethukuthele ingunaphakade ngokuba uthokozela umusa.


Ngokuba ngubani oyakudelela usuku lwezinto ezincane na? Bayakuthokoza, babone itshe lomthofu esandleni sikaZerubhabhele. Amehlo ayikhombisa kaSimakade abheke umhlaba wonke.”


Yathi kimi: “Ubonani na?” Ngathi: “Ngibona, uthi lwezibani lonke luyigolide, kunesitsha phezu kwalo, nezibani eziyisikhombisa ezikulo; kukhona imibhobho eyisikhombisa kuleso naleso sibani esiphezu kwalo,


Yangibuza yathi: “Ubonani na?” Ngathi: “Ngibona umqulu wencwadi ondizayo, ubude bawo bungamakhubhithi angama-20, nobubanzi bawo bungamakhubhithi alishumi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ