Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 7:7 - IsiZulu 2020

7 Yangibonisa kanje: Bheka, uSimakade wayemi ngasodongeni olwakhiwe lwalinganiswa ngentambo yomthofu, ephethe esandleni sakhe intambo yomthofu yokulinganisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Wayesengibonisa kanje: bheka, iNkosi yayimi ngasogangeni olwakhiwe ngentambo yomthofu wokumisa, enentambo yomthofu wokumisa esandleni sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Yangibonisa kanje: bheka, iNkosi yayimi odongeni olwenziwe ngentambo yomthofu wokumisa, iphethe intambo yomthofu wokumisa esandleni sayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 7:7
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USimakade wema eduze kwakhe, wathi kuye: “NginguSimakade uNkulunkulu kayihlomkhulu, u-Abhrahama nokayihlo u-Isaka, leli lizwe olele kulo ngiyakulabela wena nezizukulwane zakho.


Wabanqoba nabakwaMowabi, wabalinganisa ngentambo, wabalalisa phansi emhlabathini. Bonke abalinganiswa kabili ngobude bentambo babulawa, kwathi labo abalinganiswa kanye ngobude bayo bayekwa baphila. AbakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide, bathela intela.


Ngizakwelula phezu kweJerusalema umucu wokulinganisa waseSamariya, nomthofu wokumisa indlu ka-Ahabi; ngiyakulesula iJerusalema njengomuntu esula isitsha, uyasesula aphinde asibhekise phansi.


Ubulungiswa ngizobenza umucu wokukala, ukulunga kube ngumthofu wokuqondisa, isichotho siyophephetha inqaba yamanga, amanzi akhukhule umpheme.


Liyakuba yifa lonogolantethe nenhloli, kuyohlala isikhova negwababa kulo. Uyokwelulela phezu kwalo intambo yokukala yencithakalo, nomthofu wokumisa okuyize.


USimakade wayekuhlosile ukubhubhisa udonga lwendodakazi iZiyoni; welula intambo yokulinganisa, akasibambanga isandla sakhe ekubhubhiseni; washiya imigoqo nezindonga kukhala; kuyincithakalo.


Wangiyisa khona; ngabona umuntu osimo sakhe sasinjengesimo sethusi; wayephethe intambo yelineni esandleni sakhe, nohlanga lokulinganisa, emi esangweni.


USimakade waxola ngalokhu. “Ngeke kusenzeka,” kusho uSimakade.


USimakade wathi kimi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Intambo yomthofu yokulinganisa.” INkosi yayisithi: “Uyabona-ke, sengizobeka intambo yomthofu yokulinganisa phakathi kwabantu bami u-Israyeli angisayukubaxolela.


Ngokuba ngubani oyakudelela usuku lwezinto ezincane na? Bayakuthokoza, babone itshe lomthofu esandleni sikaZerubhabhele. Amehlo ayikhombisa kaSimakade abheke umhlaba wonke.”


Nganikwa umhlanga wokulinganisa ofana nenduku, kwathiwa: “Sukuma ulinganise ithempeli likaNkulunkulu, i-althare, nalabo abakhulekayo kulo.


Owayekhuluma nami wayephethe induku yegolide yokulinganisa, ayezolinganisa ngayo umuzi, amasango awo, nogange lwawo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ