Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 7:17 - IsiZulu 2020

17 “Ngakholo-ke usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Umkakho uyakufeba emzini, amadodana namadodakazi akho ayakufa ngenkemba, nezwe lakho liyakulinganiswa ngentambo labiwe, wena uyakufela ezweni elingcolileyo, u-Israyeli athunjwe impela ezweni lakhe.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Umkakho uyakufeba emzini, namadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba, nezwe liyakudatshulwa ngentambo; wena uyakufela ezweni elingcolileyo, u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Umkakho uyakuba isifebe emzini, amadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba, izwe lakho lihlukaniswe ngentambo; futhi niyofela ezweni elingcolile, futhi u-Israyeli ngokuqinisekile uyoya ekudingisweni asuke ezweni lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 7:17
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngonyaka wesishiyagalolunye wokubusa kukaHosheya, inkosi yase-Asiriya, yalinqoba iSamariya, yathumba u-Israyeli, yamyisa e-Asiriya, yambeka eHala, eHabhori ngasemfuleni iGozani nasemizini yamaMede.


Waxosha abezizwe phambi kwabo. Wadabula izwe, wababela lona, laba yifa labo, izizwe zakwa-Israyeli wazihlalisa emathendeni azo.


Abantwana babo bayophohlozwa bebuka, izindlu zabo ziphangwe, omkabo badlwengulwe.


Uyokusonga akuqinise, akulahle njengebhola ezweni elibanzi. Uyofela lapho; izinqola zakho zodumo ziyolala lapho, wena olihlazo lendlu yenkosi yakho.


Abantu abaphrofetha kubo bayakuphonswa emigwaqweni eJerusalema ngenxa yendlala nenkemba. Akuyukuba bikho muntu oyobangcwaba, bona nomkabo, namadodana namadodakazi abo, ngiyakuthela okubi phezu kwabo.


Wena, Phashuri, nabo bonke abahlala endlini yakho, niyakuthunjwa. Uyakuya eBhabhele, kodwa uyofela khona, ungcwatshwe khona, wena nabo bonke abangani bakho ophrofethe kubo amanga.’ ”


Izwi likaSimakade lafika kuJeremiya emva kokuba uHananiya, umphrofethi, eliphoqozile ijoka elalisentanyeni yomphrofethi uJeremiya, lathi:


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: ‘Uyabona-ke, ngiyakukuxosha ebusweni bomhlaba, futhi uzakufa kuwo lo nyaka ngokuba ukhulume ngokuthi abantu bahlubuke kuSimakade.’ ”


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngo-Ahabi, indodana kaKolaya nangoZedekiya, indodana kaMahaseya, abaphrofetha amanga kini egameni lami, uthi: “Bheka, ngiyakubanikela esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, uyakubabulala nibuka ngamehlo enu.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ngenxa yokuba wathumela egameni lakho izincwadi kubo bonke abantu baseJerusalema, nakuZefaniya indodana kaMahaseya, umphristi, nakubo bonke abaphristi, uthi:


Badlwengula abesifazane eZiyoni, nezintombi emizini yakwaJuda.


USimakade wathi: “Kanjalo abantu bakwa-Israyeli bayakusidla isinkwa sabo esingcolile phakathi kwezizwe, lapho ngiyobaxoshela khona.”


Abayukuhlala ezweni likaSimakade, u-Efrayimi uyakubuyela eGibhithe, badle ukudla okungcolileyo e-Asiriya.


Ngakho-ke sebezothunjwa babe phakathi kwabokuqala kwabathunjwayo, kuphele ukutamasa kwabanethezekile.


Ngokuba u-Amose ukhulume kanje, wathi: “UJerobhowamu uyakufa ngenkemba, u-Israyeli athunjwe impela ezweni lakhe.”


INkosi uSimakade yangibonisa kanje: Bheka, ngabona iqoma linezithelo zasehlobo.


Ngabona iNkosi imi ngase-althare, yathi: “Shaya izihloko zezinsika, ukuze kuzamazame umnyango phansi, uziphihlize phezu kwamakhanda abo bonke. Abayakusala kubo ngiyakubabulala ngenkemba. Obalekayo kubo akayukuphunyuka nophunyukayo kubo akayukusinda.


Bhekani-ke, amehlo eNkosi uSimakade awubhekile umbuso owonayo; ngiyakuwuqenda nya ebusweni bomhlaba, nakuba ngingeke ngiyishabalalise ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” kusho uSimakade.


Gunda ube yiphandla, ngenxa yabantwana obathandayo, uyandise impandla yakho njengenqe, ngokuba baya ekuthunjweni.


Ngiyakuhlanganisa zonke izizwe zilwe neJerusalema. Ziyakudla umuzi; ziphange izindlu, kudlwengule abesifazane, ingxenye yomuzi iyiswe ekuthunjweni, kodwa abantu abaseleyo abayukubulawa emzini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ