Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 6:7 - IsiZulu 2020

7 Ngakho-ke sebezothunjwa babe phakathi kwabokuqala kwabathunjwayo, kuphele ukutamasa kwabanethezekile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngalokho sebeyakuthunjwa phakathi kwabokuqala abathunjwayo, kusuke ukuxokozela kwabacambalalayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngakho-ke bayakuthunjwa kanye nabathunjwa bokuqala, futhi ukudla kwabazelulelayo kuzosuswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 6:7
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

uma ngingathola umusa kuwe nkosi, ungenzele engikucelayo nengikunxusayo, makuthi inkosi noHamani beze kusasa edilini engizobe ngibalungisele lona, ngizobe sengenza njengokusho kwenkosi.”


Inhliziyo yami iyadwanguza, iyathuthumela; ukuhwelela ebengikulangazelela kungehlele, sekuphenduke ixhala kimi.


Ukuzijabulisa ngokhehlegume akusekho, ukuxokozela kwabajabulayo kuphelile, nenjabulo yehabhu inqamukile.


Ngalobo busuku uBhelishazari inkosi yamaKhaledi wabulawa.


Niyakuphuma ngamunye ngamunye ngezintuba, nilahlwe eHermoni,” kusho uSimakade.


Ngiyakunenza nithunjelwe phesheya kweDamaseku,” kusho uSimakade ogama lakhe linguNkulunkulu Wamabandla.


Kodwa ningalifuni iBhethele, ningayi eGiligali, ningadluleli eBheri Sheba, ngokuba impela iGiligali liyakuthunjwa, iBhethele liphenduke ize.


Ngokuba u-Amose ukhulume kanje, wathi: “UJerobhowamu uyakufa ngenkemba, u-Israyeli athunjwe impela ezweni lakhe.”


“Ngakholo-ke usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Umkakho uyakufeba emzini, amadodana namadodakazi akho ayakufa ngenkemba, nezwe lakho liyakulinganiswa ngentambo labiwe, wena uyakufela ezweni elingcolileyo, u-Israyeli athunjwe impela ezweni lakhe.’ ”


Lapho bethandela njengameva, isiphuzo sabo sifana nesezidakwa, bayakuqothulwa njengenswani eyomileyo.


Abanye bayakubulawa ngenkemba, abanye bathunjwe, bayiswe ezizweni zonke. IJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kuphele isikhathi sabezizwe.”


Uyakuzala amadodana namadodakazi, kodwa awayukuba ngawakho, ngokuba ayakuthunjwa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ