Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 6:4 - IsiZulu 2020

4 Balala emibhedeni ehlotshiwe ngophondo lwendlovu, bazelule ezihlalweni zabo ezinofonofo, badle amawundlu omhlambi namathole aphuma esibayeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Balele emibhedeni yophondo lwendlovu, bacambalala ezinkukhweni zabo; badla amawundlu omhlambi namathole avela phakathi kwesibaya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 elala emibhedeni yophondo lwendlovu, yelula emibhedeni yayo, idle amawundlu ezimvu namathole esibayeni;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 6:4
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bahlala phansi, badla; kuthe bephakamisa amehlo, babona ihele labakwa-Ishmayeli liqhamuka kwaGileyadi, amakameli abo ethwele inhlaka, nebhalisamu, nemure, bekwehlisela eGibhithe.


Igceke lalihlotshiswe ngamakhethini kakotini amhlophe naluhlaza okwesibhakabhaka, kunemichilo yelineni elicolekileyo nebukhwebezane, kuboshelwe kokusandilinga kwesiliva ezikwedlaneni zemabuli. Izihlalo zokuphumula ezenziwe ngegolide nesiliva zibekwe egcekeni elaligandaywe ngemabuli emhlophe, amagwadle abomvu, amagobolondo ahlotshiswe ngaphakathi acwebezelayo, netshe eliyigugu eliluhlaza sasibhakabhaka.


Amehlo abo aphinqekile ngukunona, imicabango yenhliziyo iyachichima.


kodwa kunalokho kwakunenjabulo nedili, kuhlatshwa izinkabi nezimvu, kudliwa inyama, kuphuzwa iwayini, nathi: “Masidle, siphuze, ngokuba kusasa sizokufa.”


Maye, kuwo umqhele wokuzikhukhumeza kwezidakwa zakwa-Efrayimi, nasembalini ebunayo yobuhle obukhazimulayo bawo, osenhloko yesigodi esivundile, salabo abanqotshwe yiwayini!


“Awuyukungena endlini yedili ukuba uhlale nabo, udle, uphuze nabo.


“ ‘ “Nakhu okwakungukona kukadadewenu uSodoma: ukuzikhukhumeza, ukuba yisiminzi, nokunethezeka namadodakazi akhe; kodwa ababasizanga abampofu nabantulayo.


wahlala esihlalweni esihle esintofontofo; itafula elilungisiweyo laliphambi kwaso, wabeka kulo impepho yami namafutha ami.


Usho kanje uSimakade uthi: “Njengomelusi ekhulula emlonyeni wengonyama imilenze emibili noma ingxenye yendlebe, bayakukhululwa kanjalo abantu bakwa-Israyeli, abahlala eSamariya ezihlalweni ezinofonofo ezembozwe ngosilika.”


Ngalolo lusuku, amaculo asethempelini ayakuba ngawokukhihla isililo, ziyakuba ziningi izidumbu eziyakudindiliza, zilahlwe kuzo zonke izindawo. Thulani!” kusho iNkosi uSimakade.


Labo abacebileyo bakhona banobudlova obedlulele, nezakhamuzi zakhona zihubhuza amanga, nolimi lwenkohliso lusemlonyeni wazo.


“Kwakukhona umuntu othile onothileyo, owayegqoka ezibukhwebezane nezelineni elihle, ezithokozisa imihla ngemihla, etamasa.


Nibusile emhlabeni, natamasa, izinhliziyo zenu nazondla ngosuku lokuhlaba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ