Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 6:2 - IsiZulu 2020

2 Dlulelani eKhaline, nibone; nisuke lapho niye eHamathi elikhulu, bese nehlela eGathi lamaFilisti. Bangcono yini kunale mibuso na? Ngabe izwe labo likhulu yini kunelenu na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Dlulelani eKaline, nibone; nisuke lapho, niye eHamati elikhulu, bese nehlela eGati lamaFilisti; bahle kunale mibuso yini, umkhawulo wabo mkhulu kunomkhawulo wenu na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Hambani niye eKaline, nibone; nisuke lapho, niye eHamati elikhulu; bese wehlela eGati lamaFilisti. Ingabe ingcono kunale mibuso? noma umngcele wabo mkhulu kunomngcele wakho?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 6:2
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Waqala ukubusa eBhabhele, e-Erekhi, e-Akhadi naseKhaline eShinari.


UThoyi, inkosi yaseHamathi, wezwa ukuthi uDavide uyinqobile yonke impi kaHadadezeri,


USolomoni wawugubha-ke umkhosi ngaleso sikhathi naye wonke u-Israyeli enaye, ibandla elikhulu, kusukela eLebho Hamathi kuze kube semfuleni eGibhithe, ngaphambi kukaSimakade uNkulunkulu wethu, izinsuku eziyisikhombisa nezinsuku eziyisikhombisa, okungukuthi izinsuku ezili-14.


Inkosi yase-Asiriya yalanda abantu eBhabhele, eKhutha, e-Ava, eHamathi, naseSafarivayimi, yabahlalisa emizini eSamariya endaweni yabakwa-Israyeli, balidla iSamariya, bahlala emizini yakhona.


Abantu baseBhabhele benza uSukhothi Bhenothi, abaseKhutha benza uNerigali, abaseHamathi benza u-Ashima,


Baphi onkulunkulu baseHamathi nase-Ariphadi na? Baphi onkulunkulu baseSefarivayimi, nabaseHena, nabase-Iva na? Balophulile yini iSamariya esandleni sami na?


Iphi inkosi yaseHamathi, eyase-Ariphadi, eyomuzi iSafarivayimi, eHena, nase-Iva na?’ ”


Waphuma wayokulwa namaFilisti, wadiliza ugange eGathi, ugange eJabhine, nogange e-Ashidodi, wakha imizi e-Ashidodi naphakathi kwamaFilisti.


Mayelana neDamaseku. “IHamathi ne-Ariphadi kujabhile, kwaphela amandla, ngokuba kuzwe izindaba ezimbi, kukhathazekile njengolwandle, olungenakuthula.


Umuhle yini wena kuneNo Amoni elaliphakathi kwemifula, lizungezwe ngamanzi, ugange lwalo kuwulwandle, nodonga lwalo kungamanzi na?


Kepha esakhuluma nabo; bheka, kwenyuka isikhondlakhondla somFilisti waseGathi, uGoliyathi igama laso, saphuma ezinhleni zamaFilisti, saphinda wona lawo mazwi; uDavide wawezwa.


Kwaphuma enkanjini yamaFilisti iqhawe elikhulu, igama lalo kunguGoliyathi waseGathi. Ubude bakhe babungamakhubhithi ayisithupha nesandla.


Umphongolo kaNkulunkulu base bewuthuthela e-Ekhroni. Kwathi lapho ufika e-Ekhroni, abantu base-Ekhroni bakhala, bathi: “Balethe lapha lo mphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli ukuba asibulale thina nabantu bakithi.”


Bathumela, baqoqa onke amakhosi amaFilisti, bathi: “Sizokwenzenjani ngomphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli na?” Athi: “Umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli masiwuthuthele eGathi.” Bawuthuthela khona umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ