Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 6:14 - IsiZulu 2020

14 “Niyabona-ke, ngiyakunivusela isizwe nina ndlu ka-Israyeli, esiyakunicindezela kusukela ekungeneni eHamathi kuze kube sesigodini i-Araba,” kusho uSimakade uNkulunkulu Wamabandla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Ngokuba bhekani, ngiyakunivusela isizwe nina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti; “bayakunicindezela kusukela ekuyeni eHamati kuze kube semfuleni wase-Araba.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kepha bhekani, ngiyakunivusela isizwe nina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti; bayakunicindezela kusukela ekuyeni eHemati kuze kufike emfuleni ogwadule.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 6:14
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USolomoni wawugubha-ke umkhosi ngaleso sikhathi naye wonke u-Israyeli enaye, ibandla elikhulu, kusukela eLebho Hamathi kuze kube semfuleni eGibhithe, ngaphambi kukaSimakade uNkulunkulu wethu, izinsuku eziyisikhombisa nezinsuku eziyisikhombisa, okungukuthi izinsuku ezili-14.


Wabuyisela umngcele wakwa-Israyeli kusuka eLibho Hamathi kuze kube solwandle i-Araba, njengokusho kwezwi likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli alikhuluma ngomlomo wenceku yakhe, uJona, indodana ka-Amithayi, umphrofethi waseGathi Heferi.


Ngezinsuku zenkosi uPheka kwa-Israyeli, uThigilathi Phileseri, inkosi yase-Asiriya, wahlasela, wadla i-Ijoni, i-Abhela Bhethi Mahakha, iJanowa, iKedeshi, iHazori, iGileyadi, iGalile nalo lonke izwe lakwaNafethali, wabathumba, wabayisa e-Asiriya.


Ngonyaka wesishiyagalolunye wokubusa kukaHosheya, inkosi yase-Asiriya, yalinqoba iSamariya, yathumba u-Israyeli, yamyisa e-Asiriya, yambeka eHala, eHabhori ngasemfuleni iGozani nasemizini yamaMede.


Ngalolo lusuku iNkosi iyakuphuca ngensingo eyiqashe ezifundeni ezingaphesheya komfula (okusho ukuthi inkosi yase-Asiriya), ikhanda neziboya emlenzeni, futhi iyihluthule isilevu.


“Uhlangothi olusentshonalanga luyakuba luLwandle Olukhulu, kusukela emngceleni kuze kuqondane neLebo Hamathi. Lolu wuhlangothi olusentshonalanga.


Izakhamuzi zaseSamariya ziyakwesaba ngenxa yethole laseBhethi Aveni, ngokuba abantu bakhona nabaphristi balo bayakulililela, phela udumo lwalo selushabalele kulo.


Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade ithi: “Isitha siyakulihaqa izwe, sibhidlize izinqaba zenu, siphange nezigodlo zenu.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ