Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 6:1 - IsiZulu 2020

1 Maye, kwabanethezekileyo eZiyoni, nabavikelekile entabeni eSamariya, izikhulu zesizwe esikhethekileyo, eya kubo indlu ka-Israyeli!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Wo kwabazinzileyo eSiyoni, nabalondekile entabeni yaseSamariya, abaqhamileyo besokuqala sezizwe, efika kubo indlu yakwa-Israyeli!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Maye kwabaphumula eSiyoni nabethemba intaba yaseSamariya ebizwa ngokuthi inhloko yezizwe indlu ka-Israyeli eya kuzo!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 6:1
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathenga intaba iSamariya kuShemere, ngamathalenta amabili esiliva. Wakha entabeni, waqamba igama lomuzi wakhe ayewakhile ngokuthi yiSamariya.


Umphefumulo wethu sewudinwe kakhulu ngukweyiswa kwabaziqhenyayo nokwedelela kwabazidlayo.


Ukweduka kwabangenamqondo kuyakubabulala, nokudembesela kweziwula kuyozibhubhisa.


Izoni eZiyoni ziyesaba, abangenabunkulunkulu bakhungethwe yitwetwe. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo na? Ngubani phakathi kwethu ongahlala namalangabi aphakade na?”


U-Israyeli ungcwele kuSimakade, uwulibo lwezithelo zakhe; bonke abazidlayo bayothweswa icala, behlelwe ngokubi,’ ” kusho uSimakade.


“UMowabi ubephumule kwasebusheni bakhe, ephumule njengenzika yewayini; akathululwanga esitsheni, ethululelwa kwesinye; akayanga ekuthunjweni, ngakho-ke usanambitheka njengoba enjalo, nephunga lakhe aliguquki.


“Sukani, nikhuphukele esizweni esizinzileyo, esihlala ngokuvikeleka, esingenamasango namigoqo, esakhe sodwa,” kusho uSimakade.


Ngizakuya kwabakhulu, ngikhulume nabo, ngokuba bona bayayazi indlela kaSimakade nesimiso sikaNkulunkulu wabo,” nokho nabo balephulile ijoka ngokufanayo, bazigqabula izibopho.


Ningethembeli emazwini angamampunge, uma kuthiwa: leli yithempeli likaSimakade, yithempeli likaSimakade, yithempeli likaSimakade.”


Maye! Waze wasala dengwane umuzi obugcwele abantu! Sewuphenduke umfelokazi phakathi kwezizwe. Owesifazane obehloniphekile phakathi kwezifunda, usephenduke isigqila.


“Ngaze nina kuphela emindenini yonke yomhlaba; ngakho-ke ngiyakunijezisa ngenxa yabo bonke ububi benu.”


Memezelani ezinqabeni e-Ashidodi, nasezinqabeni eGibhithe, nithi: “Qoqanani ezintabeni eSamariya, nibone inxushunxushu enkulu nokucindezelwa okuphakathi kulo.”


Yizwani leli lizwi, nina zinkomo zaseBhashani enisentabeni eSamariya, enicindezela abampofu, niphathe kabi abantulayo, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


Ngiyakunenza nithunjelwe phesheya kweDamaseku,” kusho uSimakade ogama lakhe linguNkulunkulu Wamabandla.


Labo abafunga icala laseSamariya, bathi: ‘Ngokuphila konkulunkulu bakho, Dani,’ nokuthi: ‘Ngokuphila kwendlela eBheri Sheba,’ bayakuwa, bangaphinde bavuke.”


Zonke izoni eziphakathi kwabantu bami ziyakufa ngenkemba, ezithi: ‘Inhlekelele ayiyukusondela kithi, ayiyukusehlela thina, futhi ngeke isikhathaze.’ ”


Ngathi: “Ake nizwe nina zinhloko zakwaJakobe, nani baholi bendlu ka-Israyeli. Akunina yini okufanele nazi ubulungiswa na?


Kuyakuthi ngaleso sikhathi ngicinge eJerusalema ngezibani, ngijezise abantu abanethezeke njengewayini liyekwe nenzika, abathi ezinhliziyweni zabo: “ ‘USimakade akakwenzi okuhle, ngeke akwenze nokubi.’


Wasizala ngezwi leqiniso ngokuthanda kwakhe, ukuze sibe ngamazibulo ezidalwa zakhe.


Nibusile emhlabeni, natamasa, izinhliziyo zenu nazondla ngosuku lokuhlaba.


niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.


Amadoda amahlanu aqhubeka nohambo, kwathi lapho efika eLayishi, abona ukuthi abantu abalapho bahleli ngokuvikeleka, njengamaSidoniya, banokuthula, abaxwaye lutho, akukho lutho ezweni olwalungabajabhisa, futhi bacebile. Ngaphezu kwalokho babehlala kude namaSidoniya, futhi bengazihlanganise namuntu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ