Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 5:7 - IsiZulu 2020

7 “Nina enihlanekezela ubulungiswa bubabe njengomhlonyane, nilaxaze phansi ukulunga;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Nina enihlanekezela ukwahlulela kube ngumhlonyane, nilahle phansi ukulunga;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Wena ophendula ukwahlulela kube ngumhlonyane, umise ukulunga emhlabeni,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 5:7
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

kodwa abaphambukela ezindleleni zabo ezigwegwileyo, uSimakade uzobaxosha kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Akusho ngomlomo wakhe wukona nenkohliso, ukuyekile ukwenza ukuhlakanipha nokwenza okuhle.


Ubudlova bezikhohlakali buzishonisa phansi, ngoba zenqaba ukwenza ubulungiswa.


Izikhulu zakho zingabahlubuki nabangani bamasela; bonke bathanda ukufunjathiswa, balandela izipho nemivuzo. Abazivikeli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.


Maye, kulabo abashaya imithetho engalungile, nababhala izimiso ezikhathazayo,


Ngilaleleni nina abanhliziyo zilukhuni, nina enikude nokulunga.


Maye kulabo abathi okubi kuhle, nokuhle kubi, labo abathi ubumnyama kungukukhanya, nokukhanya kungubumnyama; abathi okubabayo kumtoti, nokumtoti kuyababa!


Isivini sikaSimakade Wamabandla yindlu ka-Israyeli, bonke abantu bakwaJuda bayisithombo sakhe esithandekayo; walindela ubulungiswa, kodwa kwachitheka igazi; wabheka ukulunga, kodwa kwaba ngukukhala.


“Kepha-ke uma olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, enze nazo zonke izinengiso ezenziwa yizikhohlakali, ngabe uyakuphila yini na? Impela zonke izenzo zakhe ezilungileyo azenzileyo akukho nesisodwa esiyakukhunjulwa, uyakufela eziphambekweni azenzileyo nasezonweni one ngazo.


“Lapho olungileyo eguquka ekulungeni kwakhe, enze okubi, bese ngibeka isikhubekiso phambi kwakhe, uyakufa. Uma ungamxwayisanga ngenxa yesono sakhe, uyakufa, kuthi izenzo zakhe ezilungileyo azenzile zingabe zisakhunjulwa, kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.


Lapho olungileyo eyeka ukwenza okulungileyo, bese enza okubi, uyakufela kukho.


Bakhuluma amazwi nje, bafunga amanga, benza isivumelwano; bese kuqubuka ukwehlulela njengesithombo esinobuthi emiseleni yamasimu.


Ngiyakuqeda nya ngomehluleli wakhona, ngibulale zonke izikhulu zakhe kanye naye,” kusho uSimakade.


“Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” kusho uSimakade. “Banqwabelela ubudlova nempango ezinqabeni zabo.”


Amahhashi angagijima yini emadwaleni na? Kungalinywa yini lapho ngezinkabi na? Ngokuba nihlanekezele ubulungiswa baba ngubuthi, nesithelo sokulunga saba ngumhlonyane,


Ake nizwe nina zinhloko zendlu kaJakobe, nani babusi bendlu ka-Israyeli, enenyanya ubulungiswa niphambanise konke okulungileyo;


Ngalokho-ke umthetho awusathi shu, nokwehlulela akusenziwa unomphelo, ngokuba omubi uhaqa olungileyo; ngenxa yalokho ubulungiswa buphuma buhlanekezelwe.


nabafulathelayo beyeka ukulandela uSimakade, nalabo abangamfunanga uSimakade, abangabuzanga kuye.


funa kube khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela uSimakade uNkulunkulu wethu namuhla ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, bese kuba khona phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nokubabayo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ