Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 5:6 - IsiZulu 2020

6 Funani uSimakade, niphile, kungenjalo uyakumemetheka njengomlilo endlini kaJosefa, ungqongqise, kungabi bikho owucimayo eBhethele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Funani uJehova, niphile, funa afikele indlu kaJosefa njengomlilo, udle, kungekho owucimayo eBethele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Funani uJehova, niyakuphila; funa avuthe njengomlilo endlini kaJosefa, awuqede, kungabikho owucimayo eBethele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 5:6
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba inceku yakho iyazi ukuthi yonile; uyabona-ke, namuhla ngifikile, ngingowokuqala kubo bonke abendlu kaJosefa, ukwehla ngizohlangabeza inkosi yami, inkosi.”


USolomoni wayibona le ndoda, uJerobhowamu, ukuthi iyiqhawe elinamandla, futhi iwukhuthalele umsebenzi wayo, wayeseyibeka ukuba yengamele wonke umsebenzi wendlu kaJosefa.


ngokuba bangihlubukile, bayoshisela abanye onkulunkulu impepho, bachukuluza ulaka lwami ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo. Intukuthelo yami ezakuthululelwa kule ndawo ayiyukucinywa.’


Inhliziyo yami ithi uthe: “Funani ubuso bami,” inhliziyo yami ithi: “Ubuso bakho, Simakade, ngiyabufuna.”


Ngokuba uSimakade uyabezwa abentulayo, akabadeleli abakhe ababoshiweyo.


“Uma kuqubuka umlilo, wokheleke ezihlahleni ezinameva kuze kushe nezinhlanga zamabele, noma okusanhlamvu okungakavunwa, lowo othungele umlilo kufanele akhokhe.


Umuntu onamandla uyoba njengenswani, nomsebenzi wakhe ube yinhlansi; bobabili bashe kanyekanye, akuyukubabikho ocimayo.”


Bekani izindlebe, nizwe, nize kimi, uyophila umphefumulo wenu; ngiyokwenza nani isivumelwano esiphakade, izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.


Mfuneni uSimakade esenokutholwa, nimbize eseseduze.


Kepha uJeremiya, wathi: “Abayukukunikela. Ake ulilalele izwi likaSimakade engilikhuluma kuwe, ukuze kube kuhle kuwe, usindise umphefumulo wakho.


Zisokeleni uSimakade, nisuse amajwabu ezinhliziyo zenu, nina bantu bakwaJuda, nani zakhamuzi zaseJerusalema, funa intukuthelo yami iphume njengomlilo, ivuthe, kungabi bikho oyicimayo, ngenxa yobubi bezenzo zenu.


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka, intukuthelo nolaka kwami ngizokuthululela kule ndawo; phezu kwabantu, izilwane, izihlahla zasendle, nezithelo zomhlaba; kuzakuvutha kungacimeki.


uthi kulo: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, ngimelene nawe. Ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, ngibulale abalungileyo nezikhohlakali.


“Batshele, uthi kubo: ‘Ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, angithokoziswa ngukufa komubi, kodwa ngithokoza uma isoni siphenduka endleleni yaso, siphile. Phendukani, nishiye izindlela zenu ezimbi, nina ndlu yakwa-Israyeli niyakufelani na?’


“Ubobatshela uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Induku kaJosefa esesandleni sika-Efrayimi nezizwe zakwa-Israyeli ezingabangani bakhe, ngiyakukuthatha ngikubeke endukwini kaJuda, ngikwenze kube yinduku eyodwa, babe munye esandleni sami.” ’


“Ngokuba mhla ngimjezisa u-Israyeli ngeziphambeko zakhe, ngiyakudiliza nama-althare eBhethele, nginqume nezimpondo ze-althare, ziwele phansi.


“Funani okuhle, hhayi okubi, ukuze niphile, uyakuba nani uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, njengoba nani nishilo kanjalo.


Ngokuba usho kanje uSimakade kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: “Ngifuneni, niphile.


Baphuza iwayini ngezindebe, bazigcobe ngamafutha ekhethelo, kodwa abadabuki ngokubhujiswa kukaJosefa.


Funani uSimakade nina nonke enithobekileyo bomhlaba, nina enenze izehlulelo zakhe, funani ukulunga, nifune ukuthobeka, mhlawumbe niyakukhoseliswa ngosuku lolaka lukaSimakade.


“Ngiyakuqinisa abendlu yakwaJuda, ngihlenge abendlu yakwaJosefa, ngibabuyise, ngokuba ngiyabazwela. Kuyakuba sengathi angikaze ngibalahle, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wabo ngiyakubaphendula.


Ngokuba umlilo uphenjwe yintukuthelo yami; uyabhebhetheka kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uyaqothula umhlaba nezithelo zawo, wokhela nezisekelo zezintaba.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu.


Ayakulehlukanisa izingxenye eziyisikhombisa: uJuda aqhubeke ahlale endaweni yakhe eseningizimu, indlu kaJosefa endaweni yayo enyakatho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ