Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 5:20 - IsiZulu 2020

20 Ngabe usuku lukaSimakade lungubumnyama, hhayi ukukhanya, luyisigayegaye esingenakho ukukhanya na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Lungubumyama usuku lukaJehova, alusikho ukukhanya, nesigayegaye okungekho kuso ukukhazimula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Usuku lukaJehova aluyikuba ngubumnyama, lungabi ngukukhanya na? ngisho emnyama kakhulu futhi akukho ukukhanya kuyo?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 5:20
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba izinkanyezi zezulu nomthala akuyukukhanya; ukukhanya kwakho kuyofiphala, ilanga liyoshona entathakusa, nenyanga lapho iphuma ayiyukukhanya.


Bayobheka nasemhlabeni; babone kuphela inhlupheko, ubumnyama, nokuphelelwa yithemba, bayakuxoshelwa esigayegayeni.


Njengalokhu umelusi ewufuna umhlambi wakhe lapho uhlakazekile, kanjalo-ke ngiyakuzifuna izimvu zami, ngizihlenge kuzo zonke izindawo ezihlakazelwe kuzo ngosuku lwamafu nesigayegaye sobumnyama.


Usuku lobumnyama nesigayegaye, usuku lwamafu nobumnyama obukhulu, njengentathakusa yendlaleka ezintabeni, kunjalo nokuza kwezinkumbi zabantu abanamandla abangakaze babekhona kwasemandulo, nabangasoze babakhona abanjalo emva kwabo kuze kube yiminyaka yezizukulwane ngezizukulwane.


Ngokuba usuku lukaSimakade selusondele kuzo zonke izizwe; njengoba wena wenze kanjalo kuyakwenziwa kanjalo nakuwe. Izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.


Kepha ngesikhukhula esiqongile uyakushabalalisa indawo yakhona, izitha zakhe azixoshele ebumnyameni.


Lolo lusuku, usuku lolaka, usuku lokuhlupheka nosizi, usuku lomonakalo nencithakalo, usuku lobumnyama nethunzi elibi, usuku lwamafu nesigayegaye,


“Ngakho-ke inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse phandle ebumnyameni, lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’


“Masinyane nje emva kosizi lwalezo zinsuku, “ ‘ilanga liyakufiphazwa, inyanga ayiyukukhanya, izinkanyezi ziyakuwa emkhathini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’


Bakhefuza amahlazo abo njengamaza adlangalalayo, bayantunta njengezinkanyezi ezigcinelwe ubumnyama baphakade.


Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo: umbuso waso waba mnyama, babeziluma izilimu zabo ngenxa yobuhlungu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ